UWilliams uweze iBafana evimba amaphenathi amanti
Kuphele izinsuku ezimbili – ngokwesikhathi sakuleli – iBafana Bafana neBlue Sharks yaseCape Verde zishukana ingekho egoba uphondo.
Nokho kugcine kuyiBafana edlulela phambili esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu ngesikhathi inqoba ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi.
IBafana isizobhekana neSuper Eagles yaseNigeria kowandulela owamanqamu ngoLwesine ebusuku.
UWilliams uvimbe amaphenathi amane ngesikhathi sekukhahlelwa amaphenathi, kanti nasemdlalweni ubengazibekile phansi.
IBafana iqale kuyiyo ebonakala ilawula umdlalo kodwa yabuye yalehlisa izinga, yadedela iCape Verde ukuthi kube yiyo ephatha lo mdlalo.
Womabili lamaqembu akwazile ukwakha amathuba kodwa belingekho elicace kahle. YiCape Verde ebe nangcono.
Nokho iBafana ikwazile ukuyichitha imizamo yeBlue Sharks kwaze kwathiwa ekhefini zosabambene ngo 0-0, obekusho ukuthi ozonqoba useyophuma esiwombeni sesibili.
Nasesiwombeni sesibili kubeke yona iCape Verde ngokulawula umdlalo futhi ihlasela iphindelela.
NeBafana beyizama ukufika emapalini eCape Verde kodwa kusho khona ukuthi kuyasinda impela.
Umqeqeshi, uHugo Broos uze wakhipha uThapelo Morena, wafaka uThapelo Maseko endaweni yakhe, esafuna ukuhlasela ngokuzumisa.
Nokho lokhu akusenenzanga kahle njengoba iBlue Sharks iqhubekile nokulawula umdlalo futhi kuyiyo eyakha amathuba angcono.
Kuthe sekubalwa amanenjana umdlalo uphele, uRonwen Williams wavimba elibi ibhola ebelizoqeda ngeBafana.
Yize womabili lamaqembu abehlasela futhi ebukeka ezimisele ukunqoba, kodwa kuze kwagcina sekuyoqedelwa phansi kwepali.
FUNDA NALA:Â Okuthathu okubhekwe koweBafana neCape Verde
Kulaphoke indaba ifike yaphela khona, i? Ilugoba uphondo, idedela i? Ukuba idlulele phambili.

