Afcon 2023Ezakamuva

Okuthathu okubhekwe koweBafana neCape Verde

Umdlalo ozoba nzima kubo bombili iBafana Bafana neCape Verde, kodwa kufanele kulalwe kukhoona onqobile ngoMgqibelo.

Lo mdlalo wabo we-Africa Cup of Nations uzoqala ngo-10 ebusuku. 

Manje zilungiselele ukuhlomula ngeminye imininingwane ye-quarterfinal ye-Afcon ngolimi oluqondile. 

Nazi izinto ezintathu okufanele uzibheke noma uzilindele kulo mdlalo obhekwe ngabomvu:

Ochwepheshe bamabhola abekwe phansi (free kicks):

Kulo mdlalo kuhlangene abadlali ababili abakwaziyo ukwenza umlingo uma kunebhola elibhekwe phansi. 

UBebe ushaye isimangaliso segoli, edonsa intambo eqhele ngamamitha angu-40 epalini leMozambique ukusiza iCape Verde inqobe.

Ngakolunye uhlangothi, uTeboho Mokoena ugobe ngobuchule ibhola, layokhalakathela ekhoneni eliphezulu lepali bedlala neMorocco. 

IBafana Bafana inqobe ngo 2-0 kulo mdlalo. Uma noma yiliphi iqembu lithola ibhola elibekwe phansi endaweni eyingozi, bobabili onozinti kungcono komele baqaphele. 

Yisikhathi sikaPercy Tau sokuthi avelele:

Isikhathi sokuthi uPercy Tau agqame. Ngesikhathi uThemba Zwane egila izimanga bebhekene neNamibia, noMokoena ebukisa bebhekene neMorocco, uTau ubecwilile. 

Wageja iphenathi emdlalweni wokuqala kodwa wakwazi ukuvuka azithintithe eyibasela enethini kowesibili. 

Njengomdlali osemnkantshubomvu, uTau angaliveza ikhono lakhe lokuhlasela kulo mdlalo afake iBafana kowandulela owamanqamu? 

IBafana kumele izikhandle, isebenze ngampela:

ICape Verde ayilona ihlaya. Banamandla futhi bahlelekile, abakahlulwa kulo mqhudelwano kuze kube manje. 

Iqede inamaphuzu ayisikhombisa, ingaphezulu kwe-Egypt neGhana, idlule ngehubo kwiMauritania esigabeni sokuqala somkhumulajezi. 

Leli qembu belilokhu likhula kancane kusukela ngo-2013, likhombisa ithemba kuma-quarterfinal e-Afcon edlule. 

Bayakwazi ukunqoba ngokusebenza njengeqembu. IBafana idinga ukukhipha wonke amangwevu, njengoba yenza idlala neMorocco.