Ususenethini yeKaizer Chiefs omunye ‘ufishi omkhulu’
Alfred Ngubane
IKaizer Chiefs iwuqhuba buthule umkhankaso wayo wokuqinisa iqembu ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.
Yize leli qembu lizama ukukufihla elikwenzayo, kodwa kulokhu kuvela nje kancane. Impempe ibike ngoLwesibili ukuthi uMduduzi Mdantsane usevele useNaturena.
Ngeviki elidlule sibike ukuthi iKaizer Chiefs seyiyinqobile impi yokusayina uRanga Chivaviro yize kusekhona abamlwelayo.
No-Edson Castillo waseVenezuela kuthiwa uyeza maduze kuleli njengoba ezosayina kuleli qembu laseSoweto.
Manje Impempe seyingakuveza ukuthi noPule Mmodi, ongumdlali obekhombisa ubukhali obumangalisayo kwiGolden Arrows naye usesayinile kwiKaizer Chiefs.
UMmodi, onemintaka engu-30, ubengekho ngesikhathi abadlali be-Arrows bebuyela ejimini ngemuva kwekhefu ngoLwesibili ekuseni.
Ekuthungatheni kwethu ukuthi ngabe uyephi, sithole ukuthi nebala useNaturena la kuvela ukuthi usayine khona iminyaka emithathu.
Lokhu kusho ukuthi uzoba seNaturena okungenani kuze kube nguJuni 2025. Usayina kwiKaizer Chiefs nje uMmodi uke wanqaba inzimbangi zayo ezinkulu.
Ngesizini edlule ubefunwa yi-Orlando Pirates futhi kwavela ukuthi seyivumelene ne-Arrows ngaye, kodwa yena waphika.
Ngaleso sikhathi kwavela ukuthi ukhala ngokuthi iPirates inenqwaba yabadlali abacishe bafane naye ngakho engazithola esekhuhla ibhentshi.
Yingakho ke kungathusi kangako ukuthi usesayine kwiChiefs njengoba bekuvele kuthiwa uncamela yona uma eshiya kwi-Arrows.
Bobabili i-Arrows neChiefs abakasho lutho ngalo mdlali. Kodwa vele kubhekwe ukuthi iKaizer Chiefs ibethule uma seyibathole bonke abadlali bayo abasha.
Nokho umthombo wethu ukuqinisekisile ukuthi ubengekho kwi-Arrows futhi uzwe kuthiwa ngeke esabuya.
FUNDA NALA: Usevumbuke kwiChippa United uCraig Martin ochithwe yiPirates
“Impela ubengekho ejimini namuhla njengoba iqembu beliqala ukujima nje,” kusho mthombo osidonse ngendlebe ukuthi singawudaluli.
“Yinto ekhulunywayo ke eqenjini ukuthi njengoba ebengekho nje usesayine kwiKaizer Chiefs iminyaka emithathu,” kusho lo mthombo.