Sidalula okwenze iStellenbosch ichithe uSekgota
Iqembu leDStv Premiership elingelinye laphethwe ngesinono futhi enza kahle muva nje ebholeni lakuleli, iStellenbosch FC, selikhiphe izindaba ezimangazayo.
IStellenbosch imemezele ukuthi inhloko seyihlukane nesixhanti phakathi kwalo nomdlali wasesiswini uKgaukgelo Sekgota.
Isitatimende seqembu – elisikhiphe ngoMsombuluko ntambama – asichazanga okuningi ngaphandle kokuthi sekuhlukenwe.
“IStellenbosch Football Club ingakuqinisekisa ukuthi ihlukene noKgaogelo Sekgota,” besifundeka kanje lesi sitatimende.
“USekgota ujoyine iqembu ekuqaleni kwesizini futhi usedlale imidlalo engu-17 kuyo yonke imiqhudelwano.
“Usize iqembu ukuthi linqobe indebe yeCarling Knockout ka-2023 kulesi sikhathi.
“Sithanda ukumbonga ngomsebenzi wakhe kulezi zinyanga eziyisithupha ezedlule futhi simfisela okuhle kodwa kwikusasa lakhe.”
USekgota ufike kuleli qembu esuka kwiKaizer Chiefs la abengasalitholi khona ijezi kumasizini amabili edlule.
Ukujoyina kwakhe iStellies kubonakale kuyithuba lakhe lokuzibonakalisa eqenjini elingenayo ingcindezi.
Nokho ukushiya kwakhe isigubhukane sekuqubule ukuqagula ngokuthi ngabe yini le ebaxabanisile – uma kuwukuthi kuxatshaniwe.
Impempe ibe seyikhipha izinhloli zayo ukuba zithole umnyombo walesi sinyathelo ebesingalindelekile.
Zibe sezibuya nombiko wokuthi iqembu belingenelisekile ngaye.
Kuvela ukuthi ubengaziphethe kahle – okuyinto eyamxabanisa neChiefs kodwa yafihlwa.
Osondelene naleli qembu usihlebele ukuthi iqembu belingenelisekile ngendlela adlala ngayo nokuthi usenokuhamba ubumnandi ebusuku.
FUNDA NALA: Udedelwe ngebheyili uNtshumayelo ecaleni lokushaya intombi
Nokho uSekgota usengasayina kunoma yiliphi elinye iqembu njengoba inkontileka yakhe inqanyuliwe kwiStellies.

