ISpurs beyifikele ukuzophazamisa iChiefs bese ibuyele ehlathini
SIHLE NGUBO
ICape Town Spurs ibukeka ibifikele ukuzophazamisa iKaizer Chiefs ukuthi ingangeni kwiTop 8, bese iphindele emuva kwiMotsepe Foundation Championship.
Leli qembu laseKapa alizange liyixolele iChiefs noma sekucacile ukuthi lona libuyela emuva ehlathini. Wawungazitshela ukuthi i-Urban Warriors izozithambisa emdlalweni wokugcina ibhekene naMakhosi kodwa yaqinisa nje yanqoba ngo 2-0.
Lowo mdlalo kwakumele iwunqobe nakanjani iChiefs ukuze ihlale kwiTop 8 (bese idlala kwiMTN 8) kodwa iSpurs yathatha amaphuzu amathathu yashona nawo ehlathini.
Elinye iqembu eligile iChiefs yiRichards Bay FC nayo evika izembe kuyimanje. INatal Rich Boyz ishaye iChiefs ngo 1-0 sekuzosongwa isizini.Njengamanje ezikaVusumuzi “Kanu” Vilakazi, zilwela ukunqoba imidlalo yokuhlunga ukuze zibuyele kwiDStv Premiership.
Uma zihluleka ukunqoba kuyobe kusho ukuthi zihambe namaphuzu amathathu zibhekene neChiefs egcine iqede ikunombolo 10.
IChiefs kubhekwe ukuthi yenze isimemezelo esibalulekile sokuthi ubani umqeqeshi wayo ozobe eyicija ngesizini ezayo. Okunye okubhekiwe ukuthi yibaphi abadlali abazochithwa kuleli qembu laseNaturena.
Phakathi kwabadlali abephelelwa yizinkontileka kukhona unozinti u-Itumeleng Khune, uSifiso Hlanti noSiyethemba Sithebe.