Kuphelile ngeTshwane Derby kwiBetway Premiership
SIHLE NGUBO
Ezakamuva zithi iSuperSport United seyidayisiwe ngo-R50 million. Kuvela ukuthi kuzovuka iSiwelele samaSokolara, okuyiqembu elizobizwa ngeCeltic United.
Igama elithi Bloemfontein Celtic ngeke bakwazi ukulisebenzisa laba abathengile ngoba liphethwe enye inkalakatha engeyona ingxenye yalaba abavusa iCeltic.
Bese kuphele izinyanga kunemibiko yokuthi iSuperSport izodayiswa ngoba ibhekene nezinkinga zemali.
Ukudayiswa kweSuperSport kuchaza ukuthi sekusele iqembu elilodwa kuphela ePitoli elidlala kwiBetway Premiership – ompetha beligi iMamelodi Sundowns.
Lokhu kuchaza ukuthi sekuphele nya ngomdlalo womkhaya waseTshwane phakathi kweSuperSport neSundowns.
Imidlalo yabakhaya seyisele eGoli (iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates), eLimpopo (iMagesi FC nePolokwane City) naKwaZulu-Natal (AmaZulu FC, iLamontville Golden Arrows, iRichards Bay FC neDurban City).
ICeltic neMarumo Gallants yibona asebezodlala umdlalo womkhaya eFree State.
EKapa nakhona kumnyama njengoba lingasekho iqembu elidlala kwiBetway Premiership kuleli dolobha.
ICape Town City isanda kudliwa yizembe, kanti iStellenbosch iyona eseyimele iWestern Province esigabeni esiphezulu.
Ngakolunye uhlangothi bazojabula eBloemfontein ngokubuya kweCeltic eyesekwa kakhulu eFree State namaphethelo.
Abalandeli beSiwelele baphuma ngobuningi babo uma kudlala iCeltic, futhi benza kube mnandi enkundleni.

