Afcon 2023Ezakamuva

Isifike kwangqingetshe iBafana kwiNigeria – Khanye

Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uJunior Khanye, uthi iBafana Bafana ibe nenhlanhla enkulu ngokufinyelela kweyandulela owamanqamu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iNingizimu Afrika iqumbe phansi iCape Verde ngo 2-1 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni we-quarterfinal obudlalelwa eYamoussoukro ngoMgqibelo.

“Kufanele sibhekane namaqiniso, besingekho ezingeni lethu. Asidlalanga kahle,” kusho uJunior Khanye kwi-iDiski TV.

“Besingahlulwa kulowa mdlalo. Kodwa, ngenhlanhla… sibe nenhlanhla enkulu. 

“Futhi lalela, ngithi sibe nenhlanhla kakhulu, kodwa futhi sidinga ukuncoma uRonwen Williams. 

“Ube yisihlabani sosuku futhi wavimba amaphenathi, kufanele simncome impela ngalokho.” 

Yize kunjalo, uJunior Khanye ugxeke iBafana ngokusebenzisa uhlelo lokuvala kakhulu emuva ngesikhathi ibhekene neBlue Sharks.

“Uma kuziwa ekudlaleni, besibabi kakhulu. Besivale kakhulu emuva.

“Ngicabanga ukuthi umdlalo wayizolo (ngoMgqibelo) ube mubi kakhulu uma ngibheka eminye imidlalo. 

“Angicabangi ukuthi besisezingeni eliphezulu, noma yiliphi iqembu belingasihlula. 

“Bheka amathuba akhiwe yiCape Verde, konke kuyinhlanhla. Noma yimaphi kulawo mathuba abengangena kalula. 

“Kodwa futhi, kufanele sibonge ukuthi sikwazile ukuvala kahle emuva. Benze umsebenzi obaluleke kakhulu yize iCape Verde iwakhile amathuba.”

IBafana isizohlangana nezitha zayo ezindala iNigeria kowandulela owamanqamu eStade Bouake ngoLwesithathu.

UKhanye ukholelwa ukuthi iSuper Eagles izoyiwashisa ijezi iBafana ngalolu suku.

“Kuphelile ngathi. Njengoba ngishilo, sinenhlanhla yokuba lapho esikhona njengamanje. 

“INigeria izosihlula, yilapho-ke sizothola khona ukuvuswa ngomlilo njengotshani obulele. 

“Angikusho lokhu ngoba ngilibukela phansi iqembu, kodwa ngikhuluma nje amaqiniso. 

“Ngiyayithanda iBafana Bafana, futhi ngifuna ukuyibona yenza kahle. 

“Kodwa, lona umdlalo wethu wokugcina, labaya bafana (iNigeria) bazosijezisa.”