Uncategorized

UGumede uveza imfihlo esize iRichards Bay ishaya iPolokwane

UThulani Gumede, weRichards Bay FC, uthi bekumele basebenze ngokuzimisela kakhulu ukuze badlulele phambili kwiNedbank Cup ka-2024.

Usho lokhu ngemuva kokuthi beshaye iPolokwane City ngo 3-2 kwiLast 32 yeNedbank Cup, King Zwelithini Stadium, eMlazi, ngoMgqibelo.

Lo mdlali ushaye amagoli amabili kulo mdlalo waqokwa nje mdlali wosuku.

“Sisebenze ngokuzikhandla kakhulu kulo mdlalo,” kusho uGumede ngemuva komdlalo.

“Yinto enhle ukuthi sithole amagoli, sawina nomdlalo sadlulela phambili.

“Umqeqeshi ubengitshele ukuthi ngingahlehli kakhulu ukuze uma kuvela amathuba ngiwasebenzise.”

INatal Rich Boyz bekumele iye ekhefini ihamba phambili ngamagoli amaningana impela kodwa yangawasebenzisa amathuba.

Kunalokho kube yiRise and Shine eshaye igoli kuqala ngomzuzu ka-29, kanti lize noTinashe Mapfumo.

Ngemuva kwalokho ibhukulile iBay nokungamangazanga ngesikhathi ithola igoli lokulinganisa neluze noJustice Figuareido ngomzuzu ka-32.

Ziye ekhefini sekungu 2-1 ngemuva kokuthi uThulani Gumede eshaye igoli lesibili leNatal Rich Boyz ngomzuzu ka-35.

Zibuye zabambana futhi uThabang Matuludi wathola igoli lokulinganisa lePolokwane ngomzuzu ka-55.

Bese kubukeka sengathi umdlalo uzoya esikhathini esengeziwe ngesikhathi ebuya uThulani Gumede eshaya igoli ngomzuzu ka-71 kwaba ngu 3-2.