Owenkulisa yeChiefs neseluleko esibalulekile kuVilakazi
Umqeqeshi wenkulisa yeKaizer Chiefs, uVela Khumalo, utshele uMfundo Vilakazi ukuthi angayijiki indlela enomjiko adlala ngayo njengoba esekhushulelwe useqenjini elikhulu.
UVilakazi ukhushulelwe eqenjini elikhulu ngonyaka odlule kulandela ukudlala kahle kwakhe eqenjini leDStv Diski Challenge.
Ngokungafani ne-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns ababuyisele abanye babadlali kwiDDC ngesikhathi sekhefu le-Africa Cup of Nations, uVilakazi uzilolonga neqembu elikhulu.
UVilakazi uyintandokazi yabalandeli beKaizer Chiefs futhi ulinyuse kakhulu igama lakhe ngesikhathi eshaya igoli elihle kwiCarling Black Label Cup ayefakwe kuyo ngabalandeli ngevoti.
UKhumalo ufuna aqhubeke nokudlala ngokuzethemba, angawuyeki nomjiko.
“Uyazi, kumele aqhubeke nokuba yilento ayiyo, akumele aye laphaya aqale manje azame into esingayazi,” kusho uKhumalo etshela iDiski Times.
“Abantu bamazi njengomdlali othanda ukushaya izitayela, kodwa muhle nasekulandeleni amacebo abaqeqeshi.
“Uyakwazi ukushaya amagoli… Akumele ashintshe. Okwenze wakhushulelwa eqenjini elikhulu, kumele aqhubeke nakho.
“Uma ezoshintsha lokho, kuzoba yinkinga. Kodwa uyabona ukuthi wenza kahle kakhulu, usasebenza kahle futhi usenguyena lo Obrigado engimaziyo.”
Lukhulu olubhekwe kuVilakazi njengoba esengene eqenjini elikhulu.
Nokho unenhlanhla ngoba ufikele kuCavin Johnson ongumqeqeshi obaqondayo abadlali bakuleli.
BUKA: UMokwena ‘epheka’ uThembinkosi Lorch
Abalandeli bazofisa ukuthi agcine ebe yimpumelelo njengoba leli qembu kukade lagcina ukuzikhulisela lona umdlali ogcina eyisihlabani.