UDoctor Khumalo uthinteka kwamancane ngomdlali weBucs
SIHLE NGUBO
UDoctor “16” Khumalo, owazakhela igama egijima kwiKaizer Chiefs neBafana Bafana, ukholwa ukuthi umdlali we-Orlando Pirates, uPatrick “Tito” Maswanganyi, ungomunye wabahamba phambili iNingizimu Afrika esike yabakhiqiza.
Le nkulumo kaKhumalo akungabazeki ukuthi izokwehla kahle kulo mdlali obe nesizini neZimnyana noseqalile ukubizwa kwiBafana Bafana.
“Ungomunye wabadlali abasezingeni eliphezulu esesike sabakhiqiza futhi sibonga i-Orlando Pirates ngokumnika ithuba. Ngicabanga ukuthi yilapho ibhola lakhe lichume khona laphinde lashintsha,” kusho uKhumalo kwiSports Night Amplified With Andile Ncube.
“Sengibone umdlali oyisimanga odlala ngesokunxele, onenhliziyo enkulu. Umdlali othwala iqembu – uma nje singamvumela akholelwe kuyena.
“Asidingi ukugodla abadlali abafana noThemba [Zwane], noTito, uyabona. Bayekele babe yibona. Bavumelene babe abadlali abazosiyisa phambili.”Usenabadlali abafana noBathusi Aubaas noma uTeboho Mokoena noSiphephelo Sithole, abangakwazi ukubavimbela emuva.
“Kodwa ngikholwa ukuthi uTito angasinika umphumela omuhle. Uzosinika lokho esikulindele kuyena.”
UMaswanganyi akadlalanga ngesikhathi iBafana Bafana ishaya iZimbabwe ngo 3-1 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, eBloemfontein, ngoLwesibili.