Isasasa kwawe-PSL ‘ngoTeboho Mokoena’ omusha
Angase agcine ebangwa umfanyana osemncane waseHammarsdale, u-Alwande Mngwengwe obonakala ezogcina engumdlali osezingeni likaTeboho Mokoena wodumo kwiBafana Bafana neMamelodi Sundowns.
Ngokuthola kweMpempe, u-Alwande Mngwengwe usesheshe waheha amaqembu amakhulu yize esadlale umdlalo owodwa kwiDStv Diski Challenge.
Ujoyine iqembu lenkulisa leSekhukhune United ngoDisemba kanti udlale umdlalo wakhe wokuqala ngempelasonto edlule.
Udlale kahle kakhulu waze washaya nenguzunga yegoli, wabe eseheha amehlo ezinhloli zeSuperSport United.
“Lezi zinhloli zithe sekukade zithungatha umdlali ozovala isikhala sikaTeboho Mokoena kanti zithi sezimtholile ke manje.
“Batshelwa ngaye base befika bezombuka, bathatheka,” kusho umthombo osondelene nabaphethe lo mdlali.
Kuthiwa babe sebetshela isikhulu esiphezulu uStan Mathews, ongazange acucuze, wathinta abaphathi balo mdlali.
Emiyalezweni yeWhatsApp, Impempe eyibonile futhi enayo, uMathews uyalela laba baphathi ukuthi bengabe besamusa ndawo lo mfana.
“Kungenzeka yonke into iqedelwe kule mpelasonto. Bazoyombuka uma sebedlala ePitori, bese ngemuva komdlalo kubekwe okuthile etafuleni.
“Njengamanje unenkontileka ezophela ngoJuni kwiSekhukhune kanti iSuperSport ifuna ukumsayinisa eyesibambiso.
“Kuzothi ngoJuni abuyele kuyo futhi imfuna eqenjini elikhulu, hhayi ukuthi abuyele enkulisa,” kusho lo mthombo.
U-Alwande Mngwengwe ungumfowabo omncane kaNkanyiso Mngwengwe obengukaputeni weGolden Arrows nowashona ngo-2020.
Ikhono lakhe livundululwe uTebogo Moloi weTM Scouts ngesikhathi kunemidlalo yomasipala, ama-Salga Games eKing Cetshwayo ngonyaka odlule.
UMoloi nguye owavundulula amakhono amaningi okukhona kuwo nelikaSibongiseni “Ox” Mthethwa osedlala kwiKaizer Chiefs manje.
FUNDA NALA: Lashona kudala ilanga kuMasibusane Zongo, useyadwanguza nje
Ebuzwa uMoloi ngoMngwengwe, uthe ucela ukungasho lutho okwamanje ngoba ufisa kube yimisebenzi emkhulumelayo.

