UKatsande neseluleko esibalulekile kuMthethwa weChiefs
Lowo owayengumdlali weKaizer Chiefs uWillard Katsande useshayele ihlombe leli qembu ngomdlali elisanda kumsayina uSibongiseni Mthethwa osuka kwiStellenbosch FC.
Amakhosi asayine lo mdlali oneminyaka engu-29 ngoLwesithathu kodwa wethulwa ngokusemthethweni ngoLwesine.
Usayine inkontileka yeminyaka emithathu kanti ubegaqelwe yiChiefs, Orlando Pirates naMaZulu.
UKatsande unomuzwa wokuthi ekugcineni bathole umdlali wasesiswini abalandeli abathi akakaze abe khona selokhu kwahamba yena eminyakeni emibili edlule.
“Ngokwami, iqembu lenze umsebenzi omuhle ngokumlanda. Kungani? Uqinile, uvuthiwe futhi uyayazi le ligi,” usho kanje uKatsande kwi-iDiski Times.
“Asikho isikhathi sokuthi sithi uzozijwayeza ngoba ukhulele lapha, uyazi ukuthi kunjani ukuba kwiKaizer Chiefs. Ungumholi futhi uke walunguza naseqenjini lesizwe.
“Ngizizwa ngikhululekile manje ukuzwa ukuthi angishintshwanga. Ngimfisela konke okuhle.”
UKatsande ube esemnika neseluleko uMthethwa njengoba kubhekwe lukhulu kuye kwiChiefs.
“Iseluleko sami esincane kuye… Ufike engumdlali obonakala esezingeni elihle kakhulu futhi nesasa lokusayinwa kwakhe likhulu.
“Kumele aqhuneke nendlela abedlala ngayo, angazami ukwenza izinto angazazi. Akaqhubeke nalokhu okumakhele igama.
FUNDA NALA: ‘Khulumani nathi,’ kunxusa uJessica weChiefs kubalandeli
“Kodwa nginethemba eligcwele ukuthi uzoba yimpumelelo,” kuchaza uKatsande.