Afcon 2023Ezakamuva

UHugo Broos ucacisa ngekusasa lakhe kwiBafana

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uyakugcizelela ukuthi akanazo izinhlelo zokushiya umsebenzi wakhe, ngemuva kokwenza kahle kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast.

IBafana Bafana ikhishwe yiNigeria ngo 4-2 kumaphenathi, ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 1-1 emizuzwini engu-120, kowandulela owamanqamu ngoLwesithathu.

“Yini nje engenza ngicabange ngalokho (ukulaxaza umsebenzi),” kuphendula uHugo Broos ngesikhathi ebuzwa.

“Ngike ngasho phambilini. Ngineminyaka engu-71, ngakho sekuke kufike ukuthi angime. Kodwa uma sisabamba ngendlela esihamba ngayo ngizomelani?

“Ngiyawuthanda umsebenzi wami futhi ngiyalithanda ibhola, ngakho sizobona ukuthi ikusasa liphetheni.”

IBafana Bafana ibingabhekiwe ukuthi ihambe ibanga elingaka kwi-Afcon, uma kubhekwa iqembu elibophele.

Iningi labadlali beqembu lesizwe lakuleli, lidlala kwiDStv Premiership, kanti amanye amazwe abophele abadlali abayibamba e-Europe.

Empeleni nje uPercy Tau noSphephelo Sithole kuphela abadlali abangadlali kwiligi yaseNingizimu Afrika, abakhona eqenjini lesizwe.

Noma kunjalo kodwa laba badlali bakhombise ukulwa okukhulu, beshaya iMorocco ngo 2-0 emdlalweni weLast 16.

Baphinde bazibamba zaqina bebhekene neCape Verde ebilenyusile kakhulu izinga kule Afcon.

Emdlalweni abawudlale neNigeria, iBafana Bafana kaHugo Broos ikhombise umhlaba ukuthi iligi yaseNingizimu Afrika ingenye yahamba phambili emhlabeni.

Nalabo abebecabanga ukuthi izozidlulela kalula nje iNigeria, babonile ukuthi iNingizimu Afrika beyilwa, futhi belungenzeka noma yini.

Emdlalweni wokuhlunga iqembu elizophuma endaweni yesithathu kwi-Afcon ese-Ivory Coast, iBafana Bafana izobhekana neDemocratic Republic of Congo (DRC) ngoMgqibelo.

Ukubuya nendondo yethusi kuzosho lukhulu eqenjini likaHugo Broos, elimangaze abaningi kwi-Afcon.