EzakamuvaIbhola

Unyaka wesishiyagalolunye… Akaziwa owabulala uSenzo Meyiwa!

SIHLE NGUBO

Sekudlule iminyaka eyisishigalolunye kungacaci mayelana necala likaSenzo “Nzori” Meyiwa, nokuthi ubani owamdubula, kwenzenjani.

ULwesine, mhla ka-26 ku-Okthoba 2023, wusuku okufanele ukuthi lubuyise umunyu emndenini wakwaMeyiwa. 

Bese kuhlangana iminyaka eyisishiyagalolunye ncamashi uMeyiwa adutshulwa kubo kamama wengane yakhe, uKelly Khumalo eVooslorus. Lesi sigameko senzeka ngo-Okthoba 26 ka-2014.

Icala liyaqhubeka enkantolo enkulu ePitoli lapho kukhona abasolwa abahlanu okuyibona ababhekene necala lokubulala uMeyiwa. 

Indlela abaningi ngayo ofakazi kuleli cala, kuyacaca ukuthi nangonyaka ozayo kuyobe kusagidwa kulona. 

Sekoze kuhlakaniphe nengane kaMeyiwa noKelly okungangabezeki ukuthi iyihlanganisile iminyaka engu-10 kuya ku-12 manje.

Ngesikhathi Impempe ikhuluma nomnewabo kaSenzo, uSifiso Meyiwa emasontweni edlule, waveza ukuthi uzimisele ngokuyofaza ukuze naye atshele inkantolo lokhu akwaziyo.

“Kodwa konke kulele kuBaloyi (umshushisi omele umbuso). Uma engibiza nakanjani ngiyoya ukuyokwethula ubufakazi,” wacashunwa esho kanje uSfiso Meyiwa.

Ngesikhathi edutshulwa, uSenzo Meyiwa wayengunozinti ohamba phambili kuleli njengoba kunguye owayevimba futhi engukaputeni kwiBafana Bafana ngalesi sikhathi. 

Nakwi-Orlando Pirates wayeselidlile ijezi, sekunguye isethenjwa sikanozinti futhi ngemuva kokulimala kwakhe leli qembu ladonsa kanzima konozinti. 

FUNDA NALA: I-PSL ‘ilalele’ uHunt ngecebo lokugcwalisa izinkundla

Sekuze kwacishe kwalunga kumasizini amabili edlule njengoba manje selinonozinti abasezingeni abathathu ababanga indawo yokuqala imidlalo.