Kuyafiliza ngekusasa likaMabasa odlala ibhentshi kwiPirates
SIHLE NGUBO
Umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa, akucaci ukuthi uzohlala yini eqenjini noma uzozama ukuthola iqembu elisha ngesizini ezayo.
UMabasa uzithola ekhuhla ibhentshi kweZimnyama njengoba kudlala uYanela Mbuthuma no-Evidence Makgopa, kanti ukhona noBoitumelo Radiopane.
Umqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, ubukeka engamkhonzile uMabasa kodwa yena uzithethelela ngokuthi indlela adlala ngayo ithanda ukuhluka kunoMabasa.
“Okokuqala nje anginayo nencane inkinga noMabasa,” kusho u-Ouaddou kwiMSW kaRobert Marawa.
“Umdlali engimthandayo. Umuntu okahle, umgadli omuhle. Manje nginabagadli abaningi.
“Nginabadlali abaningi, ngesinye isikhathi kuncika ekutheni abadlali engizodlala nabo noma iqembu engizobhekana nalo limi kanjani.
“Mina nethimba lami siqoka umdlali ngokubheka iqembu esisuke sizodlala nalo.
“NginoMakgopa, uMbuthuma, uRadiopane, uLuthuli noMabasa. Abadlali abahlanu abadlala endaweni eyodwa.
“Ngesinye isikhathi abalandeli bangacabanga ukuthi abukho ubulungiswa…kodwa ngingakwazi ukudlalisa abadlali abangu-11 kuphela emdlalweni.”
Okukhathaza kakhulu abalandeli bePirates ukuthi inkontileka kaMabasa iyaphela ngoJuni wonyaka ozayo.
Lokhu kuchaza ukuthi lo mgadli usengasayina inkontileka yesibambiso nanoma yiliphi iqembu elimfunayo kusukela ngoJanuwari.
Muva nje uMabasa usanda kukhipha izinto ezithinta iPirates ku-Instagram wakhe, nokwenza abanye bacabange ukuthi uyayishiya vele iBucs.
Lo mgadli uze wasala kwiBafana Bafana eyodlala kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) eMorocco, ngenxa yakho ukuthi akadlali kwiPirates.
IBafana Bafana izobhekana neGhana emdlalweni wobungani eDobsonville Stadium, eSoweto ngoLwesibili, ngo-4 ntambama.
Kuzocaca lapho ukuthi ngabe amalungiselelo e-AFCON ahamba kanjani kwezikaHugo Broos.

