Iguqise okwamaqhawe iBafana kwi-Afcon
Lugcine lugobile uphondo kwiBafana Bafana kwi-Africa Cup of Nations la beyisigile khona izimanga ifika emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu.
Ihlulwe yizimbangi zayo ezindala iNigeria sekukhahlelwa amaphenathi ngoLwesithathu ebuku.
Umdlalo uqale iNigeria ihlasela, ibonakala ukuthi ifuna igoli elizoyithusa, liyithene amandla iNingizimu Afrika.
Nokho ifice ezikaHugo Broos zihleleke kahle emuva futhi zingekho izintuba zokusondela kunozinti uRonwen Williams.
Empeleni nje iBafana obekumele kuyiwe ekhefini seyihamba phambili njengoba iwatholile amathuba ngasekupheleni kwesiwomb esokuqala.
Amabili awele kuPercy Tau kodwa kwasho khona ukuthi lo mqhudelwano uyamphika lo mdlali we-Al Ahly.
Nasesiwombeni sesibili iBafana iphinde yazihlalela emuva, yadedela iNigeria iphathe ibhola.
Lokhu kuyifake enkingeni njengoba igcine izithola seyiyiphunga njalo iSuper Eagles.
Igcine ibekelwe iphenathi kulandela ukuthi uMothobi Mvala ewise unkonko oluwuVictor Ohsimen.
Unompempe akazange angabaze, wayikhomba emlotheni. Kusukume uWilliam Ekong wayibeka enethini.
Nokho kuthe sekucatshangwa ukuthi kubhedile kwiBafana, iBafana nayo yabekelwa eyayo iphenathi.
Lokhu bekulandela ukuthi kudlaliswe kabi uPercy Tau. Nokho ngaphambi kokuthi ibekwe kodwa iNigeria beyizitshela ukuthi seyinqobile.
Phela ibambe ibhola yabheka ebhokosini, ibhola lagcine liwele ku-Ohsimen obe eseliqobela enethini.
Nokho abe-VAR babe sebembiza unompempe ukuthi azobheka isigameko la kudlaliswe kabi khona uTau.
Nebala ubuye waliphika igoli leNigeria qede wabekela iBafana iphenathi.
Kusukume uTeboho Mokoena walinamathisela enethini.
Kuthe sekubalwa amanenjana umdlalo uphele, iBafana yabekelwa ibhola ngaphandle kance nje kwebhokisi leNigeria.
UMokoena uthe uyamudla uStanley Nwabali okwesibili, wanqaba lo nozinti kodwa ibhola lakhe lawela kuKhuliso Mudau.
Nokho lesi sitobha sivele salibhamuza phezu kwepali ibhola. Nokho uyaxoleleka ngoba beliwele inyaweni lwesinxele.
Kube sekuyiwa esikhathini esengeziwe. Nakhona ayikho egobe uphondo.
Umdlalo uphele iBafana ingasaphelele kulandela ukuthi uGrant Kekana ekhishwe ngekhadi elibomvu.
Ubesebenzile ke nokho ewisa umdlali weNigeria eseyobhekana nonozinti, wamdlalisa kabi engakangeni ebhokisini.
FUNDA NALA: UBhele Nomvete unesicelo esikhethekile kwiBafana
Kube sekuyiwa phansi kwepali la kufike kwaba yiNigeria edlulela phambili.

