EzakamuvaIbhola

OwePirates umataniswa nezinkunzi zase-Egypt 

Usezitholele izesheli umgadli we-Orlando Pirates obe nomqhudelwano omuhle kakhulu njengoba ebeseqenjini lesizwe iBafana Bafana, ebelidlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast.

U-Evidence Makgopa uthole ukugxekwa okukhulu abalandeli bakuleli abebekholwa ukuthi akumfanele ukuba seqenjini lesizwe, iBafana Bafana.

Nokho ufike kwi-Afcon wadlala kahle kakhulu, waze washaya igoli elihle iBafana Bafana ibhekene neMorocco lapho igcine iwine ngo 2-0. 

Elinye igoli kulo mdlalo lashaywa uTeboho Mokoena.

Ngaphandle kwalokho uMakgopa ubedlala kahle, ewuhlupho kubadlali basemuva beqembu ebelisuke libhekene neBafana Bafana.

Imibiko engaqinisekisiwe esisabalele kwiFacebook, ithi u-Evidence Makgopa ufunwa yizikhondlakhondla zase-Egypt, iZamalek.

Uma le mibiko iyiqiniso kungasho lukhulu kulo mgadli, okudingeke aqine ngokomqondo njengoba ebegxekwa.

Bekuthiwa kukhona umgadli ongcono kunaye obekumele bathathe indawo yakhe kwiBafana Bafana.

Iqembu lesizwe lizotheleka kuleli ngoLwesithathu. IPirates ilungiselela umdlalo omkhulu lapho izobhekana neMamelodi Sundowns koweDStv Premiership eLoftus Stadium, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.

Abadlali beZimnyama abebehambe neBafana Bafana, u-Evidence Makgopa, uThabang Monare, uLucky Lepasa noNkosinathi Sibisi.

Akwaziwa ukuthi laba badlali bazobe sebephumule ngokwanele yini (ukuthi bangadlala) uma iPirates seyitholana phezulu neSundowns ngoMgqibelo.