EzakamuvaiDStv Premiership

Kucaciswa ekaMokeke osesheshe wathola ‘ikhaya elisha’ 

Ezinsukwini ezimbalwa kushaqise abaningi ukushiya kwakhe isigubhukane kwiCape Town City, uThato Mokeke usebonakale eziqeqesha nezimbangi iCape Town Spurs.

Ukushiya kukaMokeke kwiCitizens, abesehlale kuyona iminyaka emihlanu, kumenyezelwe ngempelasonto. 

Inkontileka yakhe inqanyuliwe, kwamvulela ithuba lokuthola elinye iqembu azodlala kulo ngaphandle kokuvijwa yiwindi lokuhwebelana ngabadlali.

Umqeqeshi weCity, u-Eric Tinkler, ugcine ekucacisile ukuphuma kukaMokeke obekungalindelekile.

Udalule ukuthi yize ebesalelwe yizinyanga eziyisithupha kwinkontileka yakhe, kunqunywe ukuthi akhululwe ukuze abe eqala ebheka engxenye. 

Lo mdlali osemnkantshubomvu, owake wagijima kwiChippa United, uhambe eseke wanqoba iTelkom Knockout ngesizini ka-2016/17. 

Udlale imidlalo engaphezu kuka-270 kwiCitizens, okuhlanganisa nokudlala kwiCaf Champions League.

UTinkler ukugcizelele ukuthi ukuhamba kukaThato Mokeke kudalwe yizinhlelo zeqembu zesizini ezayo. 

Uphinde waqinisekisa ukuthi lo mdlali uzoqhubeka nokulashwa yiqembu njengoba esalulama ekulimaleni nje.

“UThato (Mokeke) ubizelwe emhlanganweni ngoba siyazi ukuthi ukulimala kwakhe bekungokwesikhathi eside.

“Besizomazisa ngezinhlelo zethu zesizini ezayo yena ngeshwa angaseyona ingxenye yazo,” kusho uTinkler kwabezindaba ngoMsombuluko.

“Ubengekho ezinhlelweni zethu, yingakho simnike ithuba lokuthi ahlale kuze kuphele isizini. 

“Ubengahlala kuphele isizini noma ahambe khona manje. Ukhethe ukuhamba manje, usihlalo wamkhokhela zonke izinmfanelo zakhe. 

UThato Mokeke useke wabonakala ezimbangini zeCitizens, iCape Town Spurs la azama khona inhlanhla.

I-Urban Warriors iyabadinga abadlali abanamava njengoba isempini enzima yokuvika izembe kwiDStv Premiership.

Leli qembu elicijwa u-Ernst Middendorp yilo elisemsileni kwilogi, kanti lidinga ukujika izinto njengoba kuzoqala umziliswano wokugcina wemidlalo yeligi.