EzakamuvaIbhola

Umdlali weDowns usolwa ngokumuhluza umlandeli egruvini

Umgadli weBafana Bafana, u-Iqraam Rayners, obheke kwiMamelodi Sundowns, usolwa ngokuphihliza umlandeli ngengilazi endaweni yokuzijuxuza.

Lo mgadli, obegijima kwiStellebosch FC, kuvela ukuthi usevulelwe icala yindoda igama layo lingu-Eon Hendricks, ngokuthi uRayners uyishaye ngengilazi yacisho yaphuma isisho.

Kunevidiyo yeNews24 esezinkundleni zokuxhumana lapho uHendricks echaza konke okwenzekile.

“Ngiye eCentral lapho ngihlale khona nabangani kwaze kwaba phakathi kwamabili,” kusho uHendricks kwiNews24.

“Phakathi kuka-12 no-1, leya ndawo ijwayele ukuvalwa ngo-1, ngibe sengiya ethoyilethi okokugcina. Yilapho ngizithele khona kuRayners. Bengijabule, ngiwumlandeli.

“Ngenxa yokuthi ekuseni bengifunde ukuthi angase aye kwiSundowns ngibe sengiqala inkulumo emayelana nalokho engikufundile. Ngishilo ukuthi ngingumlandeli.

“Angiyitholanga impendulo ebengiyilindele ngemuva kwalokho. Uphumile ethoyilethi ngase ngilandela ngemuva kancane kwalokho.

“Ngizwe kukhona okungishisayo kungishaya ebusweni. Ungishaye ngengilazi ye-whiskey. Ngiwile futhi ngezwa ukuthi sengiyopha.”

Isithombe sikaHendreicks esisezinkundleni zokuxhumana, sikhombisa ukuthi ushayeke kabi esweni.