EzakamuvaIBafana Bafana

IBafana isizibekisele indawo kwi-Afcon eseMorocco ingakadlali

SIHLE NGUBO 

IBafana Bafana seyizibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025 eMorocco, ngaphambi kokubhekana ne-Uganda ngoLwesihlanu.

EzikaHugo Broos zizodlala ne-Uganda kowokuhlungela i-Afcon eNelson Mandela Stadium, eKampala, ngoLwesihlanu ngo-3 ntambama.

Empeleni womabili la mazwe azoya kulo mdlalo esevele azi ukuthi nakanjani ayaya eMorocco ngonyaka ozayo. Lokhu kulandela ukunqoba kweSouth Sudan ngo 3-2 kwiCongo Brazzaville, ngoLwesine ntambama.

Lo mphumela uchaza ukuthi womabili la mazwe ngeke alubhade eMorocco ngonyaka ozayo, ngoba ngeke esayifica iNingizimu Afrika ne-Uganda ngamaphuzu, yize kusazodlalwa imidlalo yokugcina yokuhlunga ngesonto elizayo.

Njengamanje i-Uganda iyona ezihola phambili ngamaphuzu ayishumi kuGroup K, ngemuva kwemidlalo emine. Ilandelwa yiBafana ngamaphuzu ayishiyagalombili emidlalweni emine.

Endaweni yesithathu kuhleli iCongo ngamaphuzu amane, bese kuvale iSouth Sudan ngamathathu. Womabili la mazwe asedlale imidlalo emihlanu.

Imidlalo emibili esalele iBafana akusho ukuthi ayibalulekile ngoba uma sekuqhathwa amaqembu kuba nomthelela ukuthi iqembu liqede kuphi emidlalweni yokuhlunga.

Ngemuva komdlalo wangoLwesihlanu iBafana izobe seyibhekana neSouth Sudan ekhaya ngoNovemba 19.