EzakamuvaIbhola

UYeye unesifiso esikhulu ngeBafana Bafana

Owayedlalela iKaizer Chiefs neBafana Bafana, uReinelwe “Yeye” Letsholonyane, unephupho lokuqeqesha iqembu lesizwe lakuleli esikhathini esizayo.

Lo mdlali, oke wayibamba nakwiSuperSport United, usanda kushiya kuMaZulu FC lapho ebeqeqesha khona iqembu elidlala kwiDStv Diski Challenge (DDC).

“Isifiso sami esikhulu, njengomqeqeshi osemncane manje, ukuthi ngelinye ilanga ngibe umqeqeshi weBafana Bafana,” kusho uReinelwe Letsholonyane kwiSABC Sport.

“Kodwa uhambo luyaye luqale endaweni ethile. Njengamanje ngiyiphini lomqeqeshi eqenjini lesizwe lika-Under 20.”

UYeye ushiye kuMaZulu izinto zingahambi kahle eqenjini eligijima kwiDDC.

Nokho usindile ekutheni axoshwe njengoba kuthe seliloliwe izembe, wavele walandwa yiSafa ukuba azosebenza kuyo.

Le ngwazi ihlome ngeCaf A Coaching License. UYeye wafika kwiChiefs evela kwiJomo Cosmos, lapho ikhono lakhe lacwecwa khona, ngaphansi kukaJomo Sono.

Udlalele iBafana Bafana isikhathi eside futhi ubekhona ngesikhathi idlala kwiNdebe yoMhlaba ka-2010 lapha eNingizimu Afrika.

Nokho izinto eziningi uzizuze kwiChiefs lapho ewine khona nesicoco seligi.