EzakamuvaiNedbank Cup

Usuthu lumphinde ngesibhaxu wakhumbula iligi uMaduka

AmaZulu FC asesheshe ababeka eceleni omkhaya bawo iRoyal AM, ababashaye ngo 1-0 emdlalweni weNedbank Cup ngoLwesine ebusuku. 

Ngemuva kwale nduku yoSuthu, umqeqeshi weRoyal AM uJohn Maduka uthe sebezobeka izingqondo zabo emidlalweni yeDStv Premiership.

“Senze iphutha kade sihlasela, bathola ibhola basijaha,” kusho uMaduka. 

“Siyabazi bahle uma beqeda ukuthola ibhola futhi bazokulimaza uma ubanika ibhola – yilokho okwenzekile lapha.”

Njengoba ibanga layo kwiNedbank Cup selisheshe laphela, iRoyal AM seyizogxila kwiDStv Premiership.

Ayikho ke esimweni esihle njengoba isendaweni ka-14 ngamaphuzu angu-19 ngemuva kwemidlalo engu-16. 

UMaduka uthi isimo sabo asisibi kakhulu, futhi yinto abazoyenza ukusuka emsileni welogi. 

“Sekumele sigxile kwiligi ngoba uma ubuka indawo esikuyo kwilogi ayiyinhle yize singasalele emuva kakhulu ngamaphuzu. 

“Kodwa ke manje sekuyisikhathi sokugxila kwiligi ukuze siqinisekise ukuthi siyasuka la sikhona kwilogi.” 

Umdlalo bewunawo amathuba kodwa awuzange ufike ezingeni ebelilindelekile ngokokujahana kwalezi zinkunzi zaseKZN. 

Bekubukeka umdlalo sewuzodlulela esikhathini esengeziwe ngesikhathi umqeqeshi woSuthu enza izinguquko.

Ukhiphe oTsepang Maremi no-Augustine Kwem, kwangena uSede Dion noPule Ekstein ezindaweni zabo.

Akuthathanga sikhathi esitheni, u-Ekstein wawabeka ebuhleni AmaZulu eshaya igoli eliwawezele emzuliswaneni wesibili.