EzakamuvaIbhola

AmaZulu achitha isikhangiso mbumbulu okuqolwa ngaso

Iqembu leDStv Premiership, AmaZulu FC selixwayise abazali bezingane ezifisa ukudlala ezinkulisa zaleli qembu ngabantu abaqola ngegama leqembu. 

Sekuvele ukuthi kunabathile abazama ukuqola izimali kubazali bezingane ngokusebenzisa amagama abaqeqeshi boSuthu. 

Kuthiwa kukhona abakhiphe isikhangiso sokuthi Usuthu luhlwaya ikhono kanti kufakwe amagama oSiboniso “Nini” Vilakazi noNtokozo Mthembu. 

UVilakazi uyiphini lomqeqeshi eqenjini elikhulu kanti ubesenkulisa kumasizini adlule. 

UMthembu yena nguye obhucunga abadlali eqenjini elikhulu elicijwa uPablo Martin. 

UPhilani Ndlela, okhulumela AmaZulu, uziqinisekisile lezi zindaba zokuqolwa kwabazali ngabathile.

“Uma kukhona abazali abakhokhile, sicela bayilande leyo mali ngoba AmaZulu FC awahlangene naleyo nkohlakalo,” kusho uNdlela.

“Labo bantu benza inkohlakalo ngegama laMaZulu FC kanti bazozithola bebhekana nengalo yomthetho.

“Thina asihambisani nhlobo nenkohlakalo eyenziwa yilezi zigilamkhuba,” kucacisa lesi sikhulu. 

Ngokwalesi sikhangiso esifakwe ezinkundleni zokuxhumana, umdlali ofuna ukuyozama inhlanhla kuMaZulu kumele akhokhe u-R1 500. 

Kule mali kufakwe u-R650 wendawo yokuhlala, u-R300 wokudla, u-R700 wezinisza zokudlala no-R150 wokubhalisa. 

UNdlela uthi yinto abangakaze bayenze ukukhokhisa abantu ukuba bazozama inhlanhla eqenjini. 

“AmaZulu FC ayamemezela kwi-website nasezinkundleni zokuxhumana zeqembu, isemsakazweni nasemaphephandabeni. 

“Sinxusa abazali ukuthi bashayele inombolo yeqembu etholakala kwi-website uma kukhona isikhangiso abasibonayo.” 

Kuyikho ke nje ukuthi nabantu sebaba ngothathekile, lesi sikhangiso sibonakala usibheka nje ukuthi senziwe yihlathi. 

Yize sinayo ilogo yoSuthu, kodwa indlela esihlekele ngayo iyakhombisa ukuthi siqhelelene nakhulu naleli qembu.