BUKA: UMokoena ebingelela ‘ngokukhethekile’ uMalema
SIHLE NGUBO
Kube nemvunge ngesikhathi uTeboho Mokoena weBafana Bafana ebingelela ngokukhethekile umengameli we-EFF, uJulias Malema, esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo, ngoLwesithathu.
Lo mdlali weMamelodi Sundowns ubukeke esese kakhulu ngemuva kokuthi iqembu lesizwe lakuleli litheleke e-OR Tambo, kulandela ukwenza kahle kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast.
UTeboho Mokoena ungene esiteji wabingelela wonke umuntu wabe esethi: “Ngiyajabula ukubona nomengameli engimkhonzile kakhulu uJulias Malema.”
Usho lokhu ngokuzethemba futhi emomotheka, kucaca ukuthi uyazifela ngoJuju, njengoba ebizwa kanjalo uJulias Malema, odume ngokuzikhulumela kwezombusazwe.
Bakhona abakuthathe ngeso lepolitiki lokhu, bakugxeka, kanti abanye abazange bayibone nencane nje inkinga.
UTeboho Mokoena, oneminyaka engu-26, udlale kahle kakhulu kwi-Afcon, futhi kuyavela ukuthi kukhona amaqembu aphesheya amfunayo.
Nokho umqeqeshi wakhe kwiSundowns, uRulani Mokwena, uveze ukuthi kungakuhle lo mdlali ahlale kuze kuphele isizini, bese kubonakala ukuthi kwenzekani.
ISundowns isazodlala imidlalo eminingi kakhulu ngaphambi kokuthi kusongwe isizini ka-2023/2024.
Kukhona imidlalo yeCaf Champions League, eyeDStv Premiership neyeNedbank Cup, eqala ngesonto elizayo.
UMokoena ufakiwe eqenjini le-Afcon labadlali abangu-11 abenze kahle kulo mqhudelwano.
FUNDA NALA:
Omunye umdlali weBafana Bafana okhona kuleli qembu uRonwen Williams, ongukaputeni welesizwe. Buka ividiyo ngezansi:

