U-Austin Dube uzobuyela ‘ekhaya’ ngemuva kochithwa kwiChiefs
Sbongs Gumbi
Esitatimendeni esifushane esinamagama angu-35, iKaizer Chiefs isimemezele ukuchithwa kuka-Austin Dube, obesahlale iminyaka emibili kuleli qembu laseSoweto.
Lo mdlali wasemuva odlala ngonyawo lwesinxele ujoyine iChiefs ngo-2021 kulandela ukudlala kwahle kwakhe kwiRichards Bay FC ebisakwiMotsepe Foundation Championship ngaleso sikhathi.
U-Austin Dube ubengomunye wabadlali abagqamile kwiNatal Rich Boys kuleyo sizini lapho beqede khona endaweni yesithathu ngemuva kweRoyal AM neSekhukhune United.
Kodwa ngoLwesine ekuseni Amakhosi amemezele ukuthi uDube uzolishiya iqembu. Uhlulekile ukungena eqenjini eliqala imidlalo kule minyaka emibili ekhona.
“U-Austin Dube uyashiya kwiKaizer Chiefs ngemuva kokufinyelela esivumelwaneni neqembu sokuthi adedelwe,” sifundeka kanje isitatimende esifakwe yiChiefs ezinkundleni zokuxhumana.
“Lo mdlali wasemuva, oneminyaka engu-30, usayine kuMakhosi esuka kwiRichards Bay ngoJulayi 2021. Simfisela konke okuhle!”
Ukukhululwa kukaDube kuza ngemuva kokuthi iChiefs isayinise abadlali ababili basemuva – uGiven Msimango noThatayaone Dithlokwe – nokwenze waphelelwa yisikhala.
Ngesizini edlule uDube akadlalanga nowodwa umdlalo osemthethweni kwiChiefs futhi lokho kwenze kwacaca ukuthi isikhathi sokuthi ahambe sifikile.
UDube kungenzeka amenyezelwe yiqembu lakhe lakudala ngokuhamba kosuku noma ezinsukwini ezimbalwa ezizayo. Kuvele ukuthi uzosayina kwiRichards Bay.
IRichards Bay isesigabeni sokwakha kabusha kulandela isizini yayo yokuqala kwiDStv Premiershi lapho iqale khona kahle, kodwa yaphetha isizini sekukubi.
Leli qembu laKwaZulu-Natal liqashe uKaitano Tembo owayengumqeqeshi weSuperSport United neSekhukhune ukuthi abambe izintambo ngesizini yalo yesibili.
FUNDA NALA: Imenenja ichitha eyokulimala ‘okungalapheki’ kukaSamir Nurkovic
IRichards Bay iphinde yadedela abadlali abambalwa okukhona kubo noLuvuyo Memela osejoyine iChippa United.