UMakgopa uzoyidla luhlaza iSundowns – inkakha
UPatrick Malokase, owayengumdlali we-Orlando Pirates ubona u-Evidence Makgopa ezoyihlinzela ezibini iMamelodi Sundowns uma lamaqembu esekhiphana inkani ngoMgqibelo.
ISundowns izobe isekhaya eLoftus Stadium la izovakashelwa khona yiPirates emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.
UMalokase uthi ukudlala kahle kuka-Evidence Makgopa kwi-Africa Cup of Nations kufanele ukuthi kumnyusele ukuzethemba.
Uthi lokhu kuzokwenza afune ukuqhubeka nomgqigqo wakhe omuhle noma esedlala kwiPremiership.
“Ukudlala kwakhe kwi-Afcon kumqinise ukhakhayi kakhulu,” kusho uMalokase.
“Manje uzoba yingozi enkulu kubadlali basemuva beMamelodi Sundowns.
“Uma ngabe ukuqonda kahle ukuthi useshintshile u-Evidence Makgopa kulokhu ebesimazi eyikho,” kuchaza le nkakha yeZimnyama.
UMakgopa uyiqale yonke imidlalo yeBafana Bafana kwi-Afcon futhi ubengomunye wabadlali ababalulekile kumacebo kaHugo Broos.
Kumanje kuvela ukuthi uMakgopa usenyinyama emaqenjini aphesheya kwezilwandle njengoba efunwa eFrance naseBelgium.
Abaqeqeshi bamthandela ukuhlala kwakhe ebhokisini nokukwazi ukudonsa izitobha aphume nazo avulele ozakwabo izikhala.
Lo mgadli uqale ukugqama kwiBaroka FC ngaphambi kokuthi asayinwe yi-Orlando Pirates lapho ufike wakhuhlana nebhentshi.
Nokho selokhu kufike uJose Riveiro, uMakgopa ubonakala engomunye wabadlali lo mqeqeshi waseSpain akhela phezu kwabo iqembu lakhe.
Nokho uke wadonsa kanzima ngasekuqaleni kwesizini abalandeli bengamuzwa kahle, bekhala ngokuthi kumele ngabe kudlala uZakhele Lepasa kunaye.
Kodwa sekuhambe baze bayibona lento ebonwa abaqeqeshi kuye, futhi sebeqalile ukumamukela manje.
Uma engenza njengoba kuqagula uMalokase, akungabazeki ukuthi kungalalwa ngoMgqibelo eyinkosi kubalandeli beZimnyama.
FUNDA NALA: Bashaye eceleni abebezama ukuqola ngegama leChiefs
Phela sesiside isikhathi iSundowns izenzela kwiPirates emidlalweni yeligi futhi ongakwazi ukubagobela yona engaba yiqhawe.

