OweStellies ucacisa eyokunqaba noRayners efunwa uPitso
Isikhulu seStellenbosch FC, uRob Benadie, sisanda kuveza izizathu zeqembu zokunqaba isicelo se-Abha FC yaseSaudi Arabia sokudayiselwa u-Iqraam Rayners.
I-Abha FC, ecijwa ngumqeqeshi waseNingizimu Afrika, uPitso Mosimane, ilwela ukuphuma ogibeni lwezembe kwiligi enkulu yaseSaudi Arabia.
Kumanje isendaweni yesibili ukusuka emsileni. UMosimane uthathe izintambo isikhashana ukusiza iqembu ukuvika izembe.
Emizamweni yabo yokuthola amagoli, i-Abha FC icabangele kuRayners.
Benza uphenyo lwabo “emahoreni amathathu kuya kwamane” ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokushintshana ngabadlali eSaudi ngoJanuwari 30.
Ngalesi sikhathi iwindi lePSL kuleli bese livele livaliwe. Livalwe ngoJanuwari 26.
UBenadie uchaze ukuthi ukuthola ozovala isikhala sika-Iqraam Rayners bekuzoba yinselelo enkulu.
I-Abha ihlongoze isivumelwano sokubolekwa esikhundleni sokudayiselwa u-Iqraam Rayners, yenqaba iStellies ngalo mdlali wayo obalulekile.
Kuvela ukuthi uRainers ubengenankinga nalokho njengoba ebesiqonda isimo esenza bangafuni ukumthenga njengamanje.
“Kusobala ukuthi u-Iqraam uyazi ngalezi zinto kodwa uyasiqonda isimo,” kusho uBernadie kwiFARPost.
“Ungumdlali webhola oshaya amagoli futhi uzowashaya ngesiwombe sesibili sesizini.
“Futhi mhlawumbe kuzoba nentshisekelo kuPitso (Abha FC) noma elinye iqembu ngaye.
“Kuhlala kulele kumdlali, simsayinisile kodwa uma enethuba elingcono yena nomndeni wakhe, sizoxoxa ngakho ekupheleni kwesizini.”
URayners uzobe ebhekwe ngabomvu ukusiza iStellies uma seyibhekene neSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesihlanu ebusuku.
Lamaqembu azogadulisana eLucas Moripe Stadium ePitori emdlalweni wokuqala wesigaba esikhulu kuleli kulo nyaka.
Womabili lamaqembu asembangweni wendawo yesibili kwilogi njengoba iSuperSport isendaweni yesithathu, iStellies ikweyesine.
FUNDA NALA: ULorch uveza okwenza alobizele ukuqala owePirates
Ahlukaniswe amaphuzu amathathu kanti uma uRayners ekwazile ukuveza ukuthi kungani iStellies inqabile naye, bazolala belingana ngamaphuzu.

