ULorch uveza okwenza alobizele ukuqala owePirates
SIHLE NGUBO
UThembinkosi “Nyoso” Lorch, weMamelodi Sundowns, wethemba ukuthi uzowuqala umdlalo uma sebebhekene ne-Orlando Pirates, emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.
Vele kuzobe kubhekwe yena uThembinkosi Lorch njengoba esanda kushiya iPirates wajoyina iSundowns ngoJanuwari.
Uma engenile uThembinkosi Lorch, nakanjani kuzobhekwa ukuthi uzodlala kanjani ebhekene neqembu lakhe lakudala.
“Kunzima ukudlala umdlalo wakho wokuqala, ikakhulukazi uma ibhekene neqembu obulidlalela,” kusho uNyoso.
“Kodwa yimpilo, kumele siqhubekele phambili. Ngethemba ukuthi ngizowuqala umdlalo ngempelasonto, ngenze konke okusemandleni eqenjini lami.”
Akuyena uNyoso kuphela omagange ukuqala umdlalo ngempelasonto. Abalandeli bePirates nabo bafuna ukubona ukuthi uzodlala kanjani, futhi namanje basamdinelwe ngokuyishiya.
“Ngithanda ukuthatha leli thuba ngibonke iqembu engisuka kulona, i-Orlando Pirates.
“Iikakhulukazi usihlalo u-Irvin Khoza, ngokunginika ithuba lokudlalela iqembu elinjengePirates,” kusho uThembinkosi Lorch.
“Ngiyakhumbula ukuthi ngasayina ngineminyaka engu-22 futhi ngishiye sengineminyaka engu-30.
“Ngiyabonga kakhulu ngethuba anginike lona (uKhoza). IPirates iyohlale ibalulekile enhliziyweni yami.
“Okunye ngithanda ukubonga umengameli weMamelodi Sundowns ngokukholelwa kimina.
FUNDA NALA: UMakgopa uzoyidla luhlaza iSundowns – inkakha
“Ngiyabonga ngokuthi angilethe kuleli qembu elihle kangaka, futhi ngizimisele ngokulenzela konke okusemandleni ami iqembu.”