EzakamuvaIbhola

Alilibi irekhodi lomgadli waseColombia ukhonjwa kwiKaizer Chiefs

Njabulo Shezi

IKaizer Chiefs isimthungathe yaze yamthola eBolivia umgadli njengoba iqhubeka nemizamo yokuqinisa phambili. 

Leli qembu liyaxega phambili la lithembele khona kuRanga Chivaviro, Christian Saile noCaleb Bimenyimana. 

Kukhona no-Ashely Du Preez kodwa abaqeqeshi bathanda ukumsebenzisa ophikweni muva nje. 

Uma kuwukuthi umbiko wentatheli yaseBolivia, uJaime Vega uliqiniso, iKaizer Chiefs izobolekwa u-Efmamjjasond González odabuka eColombia. 

“Sekuqinisekisiwe ukuthi u-Efmamjjasond González, uyahamba njengoba ezobolekiswa,” kubhala uVega kwiTwitter. 

“Amabombo abheke eNingizimu Afrika. IKaizer Chiefs izoba yiqembu lakhe elisha. Uyashiya kwiReal Santa Cruz ashaye kuyo amagoli ayisishiyagalombili.” 

UGonzález, oneminyaka engu-24 usedlale emaqenjini ehlukene e-Argentina naseBolivia kanti kukuyo iSanta Cruz abonakala eza kahle khona. 

Izibalo zakhe, ngokwe-Transfermarkt.com ziyathembisa njengoba enamagoli ayisishiyagalombuili emidlalweni engu-19.

IKaizer Chiefs ike yanaye umgadli waseColombia uLeonardo Castro oke wadlala nakwiMamelodi Sundowns. 

UCastro wayefike eNaturena ethwelwe ngeqoma njengoba ayedlala kahle kwiSundonws kodwa wahluleka waze wadela kulezi zinkunzi zaseSoweto. 

Uma egcina efikile, uGonzález uzofika enye insizwa eqhamuka esizindeni esisodwa naye u-Edson Castillo odabuka eVenezuela. 

Emidlalweni yobungani nowodwa weligi ayayidlalile uCastillo usanconyiwe ngumqeqeshi uMolefi Ntseki ngokuthi uza kahle. 

Cishe ukujoyinwa uGonzález kungamsiza naye uCastillo asheshe ajwayele kwazise kuthiwa njengamanje unenkinga yolimi njengoba isiNgisi sibuye simhlamuke. 

Isimataniswa noGonzález nje iKaizer Chiefs bekuke kwaduma ukuthi izosayina uGabadinho Mhango kodwa yamchitha. 

Lo mgadli waseMalawi ubecelelwa yimenenja yakhe uMike Makaab kwiChiefs kodwa yabonga. 

FUNDA NALA: ‘Bakhishwe inxiwa’ abadlali baMaZulu abangasadingeki

Cishe lokho kwenziwe wumlando ongemuhle wokungaziphathi kahle kaMhango njengoba naMaZulu emchithiswe yikho lokho. Ne-Orlando Pirates yamchitha ngokufanayo.