EzakamuvaiDStv Premiership

Akanavalo uZwane ngokulimala kukaBimenyimana, uthembe abancane

Uthembe abafana abasebancane ukuthi bazosivala isikhala sikaCaleb Bimenyimana ‘olimele’ umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane.
UBimenyimana uphume esexhuga emdlalweni la iChiefs iwelisele khona abalandeli bayo onyakeni omusha ngenjabulo ishaya iGolden Arrows ngo 2-0 ngoMgqibelo. Lo mgadli ulishayile igoli kulo mdlalo yize ebedlala okokuqala ebuya ekulimaleni kwesikhathi eside. Nguye uBimenyimana osehamba phambili ngamagoli njengamanje kwiDStv Premership njengoba eseyibhakuzise izikhawu eziyisikhombisa nje inethi.
Akukaziwa ke ukuthi ulimale kanganani nokuthi uzobe ekhona yini uma iChiefs seyibhekene neSekhukhune United emdlalweni weligi ngoMgqibelo.

IChiefs beyingakacacisi ukuthi ulimale kangakanani lo mgadli kodwa uZwane uthe akakhathazekile, noma ngabe akekho unabo abadlali abazoqhuba umsebenzi. “Uma kuwukuthi ulimele, sizodlaisa umfana omncane uWandi (Wandisile Duba),” kusho uZwane kwabeSABC Sport.
“UWandi usesikhombisile izimpawu zokuthi engakwazi ukubhakuzisa inethi, yingakho singenalo nje uvalo.

“Njengoba nawe umbonile, ungenile wafike wakhombisa ukungesabi lutho. Nokho ke amaphutha yinto yakhona ebholeni.

FUNDA NALA: ISuperSport ivale igebe kwiSundowns esesicongweni

“Uwenzile amaphutha lapha nalaphaya. Kodwa ke ungalenzi iphutha ngalokho, ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi uya kude ngebhola. Anginavalo.”

UZwane uthe uthembe bona abafana abancane njengoba ebale noMduduzi Tshabalala oshiye abalandeli bengawuvali umlomo. Uthi lapho abadlali bakhe abanamava behluleka khona, laba bafanyana bazofike bangene kungabonakali ukuthi iqembu liyashoda. Laba bafana bebephekwa nguye uZwane ngesikhathi esaqeqesha enkulisa yeqembu ngakho uyabazi lapho bebukhali khona, nalapho bebuthuntu khona.

Sbongs Gumbi