EzakamuvaiDStv Premiership

Ilwe ingasaphelele iBucs, yaphuma nephuzu kwiDowns

Kube wumdlalo la bekusobala ukuthi imimoya iphezulu kuwo womabili amaqembu ngesikhathi iMamelodi Sundowns ibambana ne-Orlando Pirates ngo 1-1 ngoMgqibelo ebusuku. 

Futhi kufanele ukuthi ukucazelana ngamaphuzu yinto ezowenelisa womabili lamaqembu njengoba egobane inkani, kwacaca ukuthi alikho eligoba uphondo. 

ISundowns beyiziphumuzile izihlabani zayo ebezikwiBafana Bafana kwi-Africa Cup of Nations ngaphandle kukaRonwen Williams noThapelo Morena. 

Nokho uMorena usheshe waphunyuzwa ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, indawo yakhe ithathwa umdlali omusha uMatias Esquivel.

Bekubukeka iPirates iyibambe kahle iSundowns kwaze kwaba uMiguel Timm uzicelela ukusheshe aphume kulo mdlalo. 

Esiwombeni sokuqala udlalise kabi umdlali weSundowns obengekho endaweni eyingozi. Ukuphindile lokho esiwombeni sesibili kusasele ngaphezu kwemizuzu engu-30.

Uvele wadlalisa kabi uRonwen Williams ethi ususa ibhola. Unompempe uqale walinika i-Olisa Ndah ikhadi eliphuzi.

Kodwa abadlali beSundowns bamtshelile ukuthi uhlawulise umuntu ongafanele. Ube esejika naye elinika uTimm ikhadi.

Kube sekuphuma elibomvu, kwacaca ukuthi umdlalo usuzosinda kweZimnyama ekubeni beziyibambile iSundowns ingazenzeli umathanda. 

Osekuyoduduza abalandeli bePirates wukuthi uThembinkosi Lorch uze waphuma engenzanga monakalo njengokuthembisa kwakhe. 

Lo mdlali obegijima kwiPirates noshiye ngoJanuwari ubethembise ukuthi uzoyikhipha ukusa iPirates kulo mdlalo. 

Lokhu bekulandela ukuthi abalandeli bePirates bebemhlukumeza ezinkundleni zokuxhumana, bemsola ngokuba uJudas, umdayisi omkhulu. 

Phela kukholakala ukuthi uLorch ukuphoqile ukuthi iPirates imdayise njengoba ebesefuna ukuya kwiSundowns. 

Nangemuva kwekhadi likaTimm iPirates ibonakale iyibamba iSundowns kwaze kwaba ngumzuzu ka-73 la uMarcelo Allende ededele khona ishodi ekude.

Limudlile uSipho Chaine obebuyele ezintini zePirates ngemuva kwesikhathi eside agcina ukuvimba.

Nokho iPirates isheshe yabuyela emdlalweni ngesikhathi ibekelwa iphenathi ngomzuzu ka-79. 

Bekungemuva kokuthi u-Abdel Boutouil ebamba uTapelo Xoki ngaphakathi ebhokisini labo. 

Kusukume yena uXoki, wayinamathisela enethini kwaba ngu 1-1, kwacaca ukuthi iPirates inalo ithuba lokuhamba nephuzu.