UKhwela ubona sekuseduze anqobe iDusi Canoe Marathon
ALFRED NGUBANE
USibonelo Khwela noMsawenkosi Mtolo basebenze kanzima ukuze bagcine belale isibili kwiDusi Canoe Marathon.
Ekhuluma neMpempe, uSibonelo Khwela ngemuva kohambo olude lwezinsuku ezintathu, uthi benze iphutha.
Lo jaho wezikebhe ezincane usukela eMgungundlovu uphelele eBlue Lagoon, eThekwini. Kuthatha izinsuku ezintathu ukuwuqeda.
“Sibayekile kade seibaficile o-Andy Birkett noMatthew Fenn,” kusho uKhwela osenesikhathi kulo mqhudelwano.
Umjaho ugcine unqotshwa nguye-u-Andy Birkett nozakwabo uMathew Fenn. UBirket usemnkantshubomvu kulo mjaho.
“Besihamba ndawonye kodwa bavele basishiya ngoba u-Andy Birkett unesipiliyoni esimangalisayo salo mjaho.
“Usewunqobe amahlandla cishe angu 14 manje lo mjaho weDusi Canoe Marathon.”
Nokho uKhwela uthi naye akusekude awunqobe lo mjaho njengoba esenamava kwazise sesiside isikhathi ewungenela.
Uphinde wanxusa uhulumeni waKwaZulu Natal ukuthi ungenelele ekuxhaseni intsha ethanda lo mjaho ngoba kuzoyithuthukisa.
Ungqonqoshe wezemidlalo KwaZulu-Natal, uDkt Ntuthuko Mahlaba uncome ababhukudi ekade bebambe iqhaza kulo mjaho,
Uphawule nangesigameko la kuvonjwe khona ngamatshe la kudlula khona lo mjaho nokuyinto ecishe yahlaza igama lawo.
Uveze ukuthi bazothumela abaphenyi bomnyango wezemidlalo bayophenya ngabantu abangosomathuba abahlanganise umphakathi ukuthi uvimbe ngamatshe emgwaqeni.
FUNDA NALA: Ilwe ingasaphelele iBucs, yaphuma nephuzu kwiDowns
Lo mphakathi ubukhala ngokuthi amanzi awunawo kodwa umfula umgeni udlula phambi kwawo.

