Asezodlala eyomkhumulajezi awe-ABC Motsepe League eKZN
Alfred Ngubane
Kuqopheke umlando iSafa KwaZulu-Natal yethula umqhudelwano wendebe ezodlalwa amaqembu e-ABC Motsepe League kulesi sifundazwe.
Le ndebe iqhamuke ngemuva koxhaso lwenkampani ekhiqiza imimpahla zezemidlalo iPrimo.
Amaqembu adlala kwi-ABC Motsepe League eKZN azodlala kwiPrimo Cup ezodlalwa njalo ngasekuqaleni kwesizini entsha.
Usihlalo weSafa KZN, uKwenzakwakhe Ngwenya uthe basayine iminyaka emthathu enombandela wokwelula ngeminye iminyaka.
Ngaphezu kwendebe le ezodlalelwa, iPrimo izophinde igqokise wonke amaqembu aseKZN adlala kulesi sigaba sebhola.
Imidlalo yale ndebe engumkhumulajezi izoqala ngoSepthemba 3 kanti kulindeleke iphele ngoSepthemba 10.
“Sijabule kakhulu ngokuthi le nkampani yezimpahla zokudlala isiqhamukile ukuzobambisana nathi ekuphatheni le ligi.
“Okokuqala siyiKwaZulu-Natal siba nabaxhasi kulesi sigaba esingesiphezulu ebholeni lama-amesha,” kusho uNgwenya.
“I-ABC Motsepe League yiyona ligi yethu enkulu. Ngakho ukuyitholela abaxhasi yinto enkulu, sikholwa wukuthi kuzosiza namaqembu uma eselungiselela ukwenyukela esigabeni esilandelayo.
Uthe bazoyihlonipha imibandela yobudlelwano babo nePrimo kodwa uma kwenzeka kuvela abaqhamuka noxhaso olungcono, bayogxuma bahlale.
“Sifisa ukuqhubeka nePrimo kube ngale kwale minyaka emithathu esiyisayindile okwamanje.
“Njengoba lokhu kuzosisiza, futhi kumele ngikusho lokhu, kukhona abanye abazoqhamuka nabo befuna ukusebenza nathi.
“Uma bevela bethi hhayi uma sekuphele le nkontileka eninayo manje, uma kuwukuthi baninika u-R1-million, thina sizoninika u-R2-million, nakanjani sizogxumela kulabo.
FUNDA NALA: U-Ertugral uvivile emaqenjini amdingayo kwiDStv Premiership
Imidlalo yePrimo Cup ime kanje: Chess FC v Oyzn Academy; Muzi Kings Masters v Swayimane United; Hellenic FC v Mkhambathini FC; Umsinga United v Midlands Wanderers; Umvoti FC v Umkhumbane Classic; Ethekwini Coastal v Njampela; Asande FC vs GWP Friends; Summerfield Dynamos vs Newcastle All Stars. FC Drakensburg v Stone Breakers FC.