Kungani izimanga zikaChaine zingamthusi uKomphela
Akungabazeki ukuthi uSipho Chaine usegcine ezifakile ezinhliziyweni zzakalandeli be-Orlando Pirates ngemuva kobuqhawe bakhe ngesikhathi sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wamanqamu kwiMTN8 bebhekene neMamelodi Sundowns.
Kodwa kukhona umuntu ongakaze alingabaze ikhono lalo nozinti futhi yena akumthusanga nakancane lokhu akubona kwenzeka eMoses Mabhida Stadium.
Lowo ngumqeqeshi weMoroka Swallows, uSteve Komphela, othi wayazi ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-26 uya kude ebholeni kusukela eqala ukumbona sekwiBloemfontein Celtic.
UChaine ukhombise ikhono lakhe ngesikhathi evimba amaphenathi amathathu kulandelana behlula iSundowns ngo 3-1 ngoMgqibelo odlule, evala imilomo kulabo abebemgxeka.
“Hamba ubuze yena uSipho ukuthi ngathini kuye,” kusho lo mqeqeshi onamava nobazi cishe bonke abadlali bakuleli besabancane.
“KwakuyiMacufe Challenge futhi uSipho wadlala bebhekene neKaizer Chiefs (uKomphela wayecija iChiefs ngaleso sikhathi.
“Ngisakhumbula kahle, ngisayikhumbula nethaythi emibalabala ayeyigqoke ngalelo langa.
“Ngakhuluma naye ngathi, ‘wena usazoya kude mfana wami’ futhi lokhu okwenzeke ebhekene neSundowns kumangaze labo abangalilandeli kahle ibhola.”
UChaine wahlala iminyakana kwiCeltic kodwa ijezi engalitholi. Wahamba nayo uma seyidayiselwa iRoyal AM.
Kodwa akahlalanga kuleli qembu likaMaMkhize, wadlulela kwiChippa United, nakhona ijezi ubelithola amacozucozu.
Kodwa noma kunjalo iPirates yamlanda ngesikhathi esibucayi ilinyalelwe uRichard Ofori, isele noSiyabonga Mpontshana kuphela.
FUNDA NALA: Uchizele Usuthu umdlali oselobizela iChiefs
Okulandela lapho sekungumlando njengoba sekunguye oqala imidlalo yize esebuyile ekulimaleni u-Ofori, kukhona noMelusi Buthelezi.