Isasasa kwethulwa iCarling Knockout ezohlomulisa abalandeli
Yethulwe ngokusemthethweni indebe entsha ye-PSL, ezokwaziwa ngeCarling Black Label Knockout kanti namaqembu aseqhathiwe, kwaphuma imidlalo ethembisa ibhola elijabulisayo.
Lo mncintiswano wethulwe ngokusemthethweni ngoLwesibili, kanti iPSL ayichithanga sikhathi yabe seyiqhatha namaqembu angu-16 adlala kwiDStv Premiership.
Izinsuku nezindawo okuzodlalelwa kuyo le midlalo ngokunjalo nemali ezotholwa yiqembu elizodla umhlanganiso kusazomenyezelwa.
Abalandeli basazodlala indima enkulu kulo mqhudelwano. Bazoba namandla okuvotela uMdlali oVelele emdlalweni ngamunye, futhi kukhona okusha okumnandi okubizwa ngokuthi, iFak’igoli Uzobona okungabatholela imali.
Nansi indlela okusebenza ngayo: Uma umdlalo uqala, kuba nesamba sika-R90 000, kodwa ngomzuzu ngamunye odlulayo, kudonswa u-R1 000.
Abalandeli bazoqagela isikhathi iqembu labo elizoshaya ngaso igoli bese behlomula uma kwenzeke njengokuqagela kwabo.
“Angisho kanje, (ukwenza isibonelo), ngingaqagela ukuthi iPirates izoshaya igoli ngomzuzu wesibili, bese (uZakhele) uLepasa elishaya ngampela, ngizobe sengidla u-R80 000 njengomlandela,” kusho u-Arne Rust weCarling Black Label.
Neqembu lithhola imali efanayo nale etholwa umlandeli walo. Futhi uma sekuwumdlalo wamanqamu, isamba siyenyuka siye ku-R900 000.
Manje, uma sikhuluma ngoMdlali oVelele, ozobizwa ngompetha womdlalo, yena uzohamba no-R100 000.
Kodwa nakhu okubalulekile – ngabalandeli abazonquma ukuthi ngubani lowo mdlali.
“Ngeke kunqunywe iqeqebana labantu, kodwa izinkumbi zabalandeli futhi kuzoqashelisiswa ukuthi kubaleka ngendlela efanele,” kwengeza uRust.
Ngaphezu kweKnockout, kusazoqhubeka neCarling Black Label Cup. Kulokhu, iqembu elinqobe iCarling Black Label Knockout lizodlala nepiki yabalandeli.
Umqeqetshi weqembu le-All Stars uzavotelwa ngabalandeli. Lo mdlalo wona uyoba noJanuwari 6, 2024, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
FUNDA NALA: Iyamkhubaza emoyeni uLorch eyokulahlwa yicala lokushaya
Imidlalo: Sekhukhune United v Royal AM; Orlando Pirates v Cape Town Spurs; SuperSport United v Polokwane City; TS Galaxy v Mamelodi Sundowns; Chippa United v Stellenbosch FC; Richards Bay FC v Moroka Swallows; Kaizer Chiefs v AmaZulu FC; Golden Arrows v Cape Town City.