EzakamuvaIbhola

Iza kahle indodana kaPitso Mosimane enkulisa yeChiefs

Indodana kaPitso Mosimane igijima eqenjini lenkulisa yeKaizer Chiefs labafanyana abaneminyaka engaphansi kuka-13.

UReatlebogile Mosimane ukhombisa ukuba ngumdali onekhono eliyisimanga ngokusho kukaDavid “DVD” Mathebula ongumqeqeshi.

“Ngibona uReatlebogile engumdlali omuhle kakhulu,” kusho uMathebula ekhuluma neMpempe ngempelasonto. 

“Ngicabanga ukuthi uzothi efinyelela eminyakeni engu-17 uzobe esekulungele ukudlala eqenjini lesizwe lika-Under 17 nakweleDDC lapha kwiKaizer Chiefs.” 

Cishe kuzobamangaza ke abalandeli abaningi ukubona umfana kaPitso Mosimane edlala kwiKaizer Chiefs. 

Phela kunombono wokuthi lo mqeqeqeshi akayifuni nalapho ihambe khona iKaizer Chiefs. 

UMathebula akafunanga ukuphumela obala ngokuthi bayithole kanjani indodana kaPitso ukuthi izodlala kubo.

UPitso naye wayengumdlali futhi wazakhela igama kwiJomo Cosmos, Orlando Pirates, neMamelodi Sundowns.

Wahlala nesikhathi eside eTurkey la edlale khona emaqenjini ehlukene. Kumanje lo mqeqeshi ukwi-Abha FC eSaudi Arabia.