EzakamuvaIbhola

UMiddendorp akawuvali ngoBoitumelo Radiopane

U-Ernst Middendorp, ocija iCape Town Spurs uncome ngokukhethekile uBoitumelo Radiopane ngemuva kokunqoba kwabo okwesibili kule sizini.

ISpurs ibhuquzise AmaZulu ngo 3-1 ngoMgqibelo emdlalweni weDStv Premiership e-Athlone Stadium. 

UBoitumelo Radiopane, obolekiswe yi-Orlando Pirates kwiSpurs, ube nomdlalo omuhle esiwombeni sokuqala yize egeje iphenathi. 

Lo mgadli osemncane ubengakaze adlale selokhu aphuka onyaweni ekupheleni kukaMeyi nyakenye.

Ubeyinkinga kubadlali basemuva baMaZulu. UMiddendorp uzwakalise ukujabula ngendlela uRadiopane adlale ngayo.

Lokhu kungenxa yokuthi bekuwumdlalo wakhe wokuqala ngemuva kokululama ekulimaleni kwesikhathi eside.

Ugcizelele ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-21 akakwazanga nokudlala emidlalweni yobungani ngaphambi kwalo mdlalo wangoMgqibelo. 

“Singabala abafana abaningi abebengaqokwa njengabaVelele kulo mdlalo,” kusho uMiddendorp ngemuva komdlalo. 

“Kodwa ngokwazi ukuthi uBoitumelo Radiopane akadlalanga nowodwa umdlalo wokuzilungiselela ngemuva kokuphuma ngoMeyi odlule noma ngoJuni (bekumfanele). 

“Ubesenezinsuku ezintathu eqalile ukuzilolonga nathi ngokugcwele futhi uma ubona umdlali onjalo akwazi ukumelana nemizuzu engu-45 ngale ndlela, kuyancomeka.

“Lena yinto ebengingayilindele, bengizimisele ukubheka emuva kwemizuzu engama-20 ukuze ngibone ukuthi kwenzekani.

“Kodwa into engiyibonayo ukuthi ufuna ukufaka isandla, ufuna ukusisiza, esijaha futhi yize engekho ezingeni elingenza uthi, ‘usekulungele noma uku-100% ngokwezinga’… 

“Kodwa kuyamangaza ukuthi ukwenze kanjani lokhu ngaphansi kwalezi zimo.”

UBoitumelo Radiopane ukhishiwe ekuqaleni kwesiwombe sesibili, indawo yakhe yathathwa u-Ashley Cupido.

Lo mgadli ukhombisile ukuthi akafuni ukuphinde aqale ebhentshini njengoba efike washaya amagoli amabili. 

Nokho uMiddendorp uzothemba ukuthi umdlalo weNedbank Cup abazobhekana kuwo ne-University of Pretoria ngoLwesithathu uzonika uRadiopane elinye ithuba lokuba ngcono.