EzakamuvaiDStv Premiership

UModise uhlonza okumele kwenziwe iBucs ukunqoba iligi

Isihlabani sakudala se-Orlando Pirates, uTeko Modise, useveze abona kumele kwenziwe yileli qembu elicijwa uJose Riveiro ukuze lifakele iMamelodi Sundowns inselelo emjahweni wesicoco seDStv Premiership.

ISundowns iphinde yagabadula yodwa kulo mjaho nakule sizini njengoba kungabonakali kuseneqembu elingayifica. 

EzikaJose Riveiro zenze kahle ngokuphakamisa izicoco ezimbili zeMTN8 neseNedbank Cup ngesizini edlule. 

Lokhu kwanyusa amathemba okuthi ekugcineni iSundowns seyithole iqembu elizoke liyiphazamise njengoba seyibusa yodwa ebholeni lakuleli. 

NgokukaModise, imiphumela yeligi yeqembu ejikajikayo ilishiya lingaphansi ngokwezinga kwiSundowns.

“Kunzima ngoba wonke umuntu ufuna i-Orlando Pirates kube yiyo efaka inselelo kwiSundowns,” kusho uModise kwiFARPost.

“Kodwa uma sibheka igebe manje, i-Orlando Pirates kufanele ngabe isilwela indawo (yecaf) Champions League, hhayi iligi.

“Kodwa okukhathaza iPirates wukulahlekelwa wumgqigqo (kwiligi) ngoba idlala kahle emiqhudelwaneni yezindebe. 

“Ngicabanga ukuthi banolwazi olunzulu lokunqoba imidlalo yezindebe.

“Nokho ungabi namgqigqo emidlalweni yeligi kuba yinkinga. 

“Ubheka irekhodi abanalo kule sizini ekuhambeni, aligculisi, akulona iqembu alingawina iligi uma inaleluhlobo lwerekhodi.” 

NgokukaModise, iPirates sekumele ivele ibheke ukuqala kahle ngesizini ezayo ukuzama isicoco seligi.

“Ngesizini ezayo, uma bengazama ukubhalansisa ukuthi benze kahle ekuhambeni njengoba benza ekhaya… 

“Ngicabanga ukuthi lokho kungaba yithuba lokuthi banqobe iligi,” kuchaza le nkakha eyadlala nakwiSundowns. 

Emdlalweni olandelayo, iPirates izokwamukela AmaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium ngoMgqibelo. Umdlalo uzoqala ngo-5.30 ntambama.