EzakamuvaIbhola

ISwallows nesimemezelo esimqoka ngoSteve Komphela

Seligcine ligqabukile igoda phakathi kweMoroka Swallows nobengumqeqeshi, uSteve Komphela. 

Ubudlelwano phakathi kwaleli qembu noSteve Komphela kuvela ukuthi bebungasebuhle futhi sesiside isikhathi kwenzeka lokho. 

Kuthiwa baba muncu kakhulu ngesikhathi uKhomphela ekhuluma kwabezindaba ngokungenami kwabadlali eqenjini.

Wakuveza lokhu kade beqeda ukudlala ne-Orlando Pirates, wathi kudingeke abancenge ukuze badlale lo mdlalo.

Wathi abadllai babefuna ukuteleka ngoba kukuningi abangeneme ngakho eqenjini. 

Abadlali bagcine betelekile goDisemba, nokwaphetha ngokuthi iqembu lihlawuliswe ngokuhlaza isithunzi sebhola elikhokhelayo. 

Kuthe uma iqembu selibuyela ejimini ngemuva kwalezi zigemegeme zikaDisemba, uSteve Komphela wavalelwa ngaphandle. 

Abazaziyo ezeqembu bathi lokhu bekungenxa yokuthi naye wayebe nesandla ekutheni abadlali bateleke.

Kusolwa ukuthi wabagqugquzela ukuthi abafune ukusheshe baholele uDisemba ngoba bangase bagcine bengaholanga uma belinda inyanga iphele. 

Nokho iqembu selivele ukuthi bahlukane ngesihle noKomphela ngemuva kokuxoxisana okuhambe kahle.

“IMoroka Swallows nomqeqeshi uSteve bavumelene ngokuthi bahlukane,” kusho iSwallows esitatimendeni. 

“Lokhu kuza ngemuva kwezingxoxo ezimbalwa phakathi kwezinhlaka zomabili, lapho kuvunyelwene ukuthi kuyisinqumo esihle ukwehlukana. 

“Kusasele ukuhloniphana phakathi kwabo bobabili futhi nesinqumo sokwehlukana samukeleke kahle kuzo zombili izinhlangothi. 

“Iqembu lifisela umqeqeshi uSteve konke okuhle emizamweni yakhe yesikhathi esizayo, futhi sinjalo siyambonga ngakwenzile eqenjini. 

“Umqeqeshi uSteve uzwakalise ukubonga eqenjini futhi usifisele okuhle kodwa ukuya phambili,” kuqhuba lesi sitatimende. 

Yize iSwallows ingacacisanga, kodwa kubukeka kuzobamba uMusa Nyatama noDitheko Mototo kuze kuphele isizini.

Vele yibo abebesebhentshini ngesikhathi iSwallows ishaywa yiPolokwane City ngoMgqibelo emdlalweni weDStv Premiership.

Emdlalweni olandelayo leli qembu laseSoweto lizobhekana nePlatinum City Rovers yaseNorth West kwiNedbank Cup.