Inkakha iyikhomba kubaphathi eyokufadabala kwebhola eKZN
U-Owen Ace Nzimande oyinkakha yaMaZulu FC, ukhomba abaphathi bamaqembu aKwaZulu-Natal ngenjumbane ngesimo sebhola kulesi sifundazwe.
Usola abaphathi bamaqembu ngokuba yizehluleki zoqobo njengoba kuze kube manje amaqembu abo esantula abalandeli nesasasa.
Kumanje, ngokusho kwale nkakha, awukho umdlalo womkhaya eKZN osusa amadlingozi kubalandeli nabadlali.
“Labantu banamaqembu kodwa bahlulwa ukudayisa umdlalo womkhaya ukuthi ube sezingeni eliphezulu,” kusho uNzimande.
“Bathanda ukulandelana noDkt Irvin Khoza noDkt Kaizer Motaung nje kuphela, belokhu bencetheza kubona.
“Kodwa manje nabo ngapha banamaqembu. Abalandeli bebhola KwaZulu-Natal kumele bakuqonde ukuthi ibhola libulawa ngabaphathi bamaqembu.”
Uthe abaphathi bamaqembu aseKZN bajabulela ukudedelela awaseGauteng abadlali abanohlonzo bese awabo asale enqunu.
“Ababagqugquzeli abalandeli ngokuthi bagcwalise izinkundla futhi nendlela amaqembu abo adlala ngayo ayigculisi neze.
“Kumanje alikho iqembu eliqine ngokwanele ukuthi lingalwela ukunqoba indebe kwi-PSL eliphuma kulesi sifundazwe.
“Kunalokho ahlale evika izembe nje kuphela. Ngemuva kwalokho uzobezwa beqhakambisa umlando ongasho lutho.
“Kumele ngabe amaqembu aKwaZulu-Natal anabadlali bezinga eliphezulu abazakhele bona ngoba baningi abadlali kulesi sifundazwe.
“Kumanje cishe u-70% wabadlali abagqamile emaqenjini amakhulu aseGauteng baqhamuka khona la KwaZulu-Natal.
FUNDA NALA: URulani noHugo Broos bangase baphinde baxabane
“Kumele baqale begcine abadlali abanohlonzo. Kuncono uma ngabe umdlali edayiselwa amaqembu amakhulu aphesheya kwezilwandle, benze inzuzo ebhekile ngabo.”

