Usaxoxa neDowns uMngqithi, eyeChiefs ayikakhulunywa
Njengoba ngempelasonto kuphume imibiko ethi sekusele kuManqoba Mngqithi ukuthi anqume ngomsebenzi weKaizer Chiefs, imenenja yakhe seyiveze okusha ngalo mqeqeshi.
Ekupheleni kwale sizini, uMngqithi uphelelwa yinkontileka kwiMamelodi Sundowns la eyiphini likaRulani Mokwena khona.
NgeSonto iSunday Times ibike ukuthi iChiefa seyimbekelile okuthile etafuleni, futhi sekusele kuye ukuthi anqume noma uyakuthatha na.
Kodwa imenenja yakhe, uMike Makaab useveze ukuthi yena okwamanje usagxile ezingxoxweni zabo neSundowns ngokuvuselelwa kwenkontileka. 0
“Okwamanje sisaxoxa neMamelodi Sundowns ngendlela ebheka phambili ngoManqoba,” kusho uMakaab kwiGagasi FM ngoMsombuluko.
“Sengibe nezingxoxo ezingeni eliphezulu. Nginethemba lokuthi emasontweni amabili sizobe sesinesixazululo.
“Phela ekugcineni kumele senze ubulungiswa ngokuthi isinqumo ngoManqoba, kumele nakanjani kumele sithathe isinqumo.
“Inkontileka yakhe iyaphela uma kusongwa le sizini, futhi kumele njengomuntu osebenza ngebhola azame omunye umsebenzi kusenesikhathi.
“Kodwa ke izingxoxo esibe nazo ziyethembisa kakhulu,” kusho lo makadebona wemenja.
Sekuke kwavela naphambilini ukuthi abaphathi beSundowns bamanqika ukumdedela lo mqeqeshi.
Kuthiwa bacuphise ngaye ukuthi uma izinto zibhimba kuMokwena, babe nomuntu oseduze nolazi kahle iqembu.
FUNDA NALA: Kuhlongozwa uguquko emiqhudelwaneni yeCaf
Kodwa uma icucuza iSundowns, uMngqithi ngeke aliswele isikhathi eside iqembu njengoba kubukeka naMaZulu ezodinga umqeqeshi omusha nje ngesizini ezayo.