USeema weSekhukhune akayeyi neze iHighlands Park
Umqeqeshi weSekhukhune United, uLehlohonolo Seema, useveze ukuthi kungani engeke ayithathe kancane iHighlands Park emdlalweni weNedbank Cup oseDobsonville Stadium ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku.
IHighlands Park yadayisela iTS Galaxy isitifiketi sayo seDStv Premiership ngoSepthemba ka-2020 futhi njengamanje idlala kwi-ABC Motsepe League yaseGauteng.
Iyona emele lesi sifundazwe ezigabeni zeSafa kwiNedbank Cup kulo nyaka kanti ibheke ukukhumbuza abalandeli ukuthi isekhona.
ULehlohonolo Seema ukholelwa ukuthi isalokhu iyiqembu eliyingozi yize seyidlala kulesi sigaba sama-amesha.
Ugcizelele isidingo sokungababukeli phansi. Njengamanje iLions of the North ihlezi endaweni yesithupha kwiGauteng ABC Motsepe League.
Inamaphuzu angu-39, ilandela ezihola phambili iDondol Stars ngamaphuzu amane ngemuva kwemidlalo engu-22.
“Uma ukhuluma ngomlando webhola laseNingizimu Afrika, awukwazi ukuyishiya ngaphandle iHighlands Park.
“Sineminyaka emine nje siyiSekhukhune United, ngakho sibancane munayo,” kusho uSeema.
“Sizoba nenkinga enkulu uma singalibukela phansi leli qembu… umqeqeshi abanaye, u-Allan Freese, unesipiliyoni esiningi.
“Leli qembu linethimba labaqeqeshi eligcwele njengamaqembu asezigabeni eziphezulu, linabahlaziyi…
“Bayiqembu okuhlale kulindelwe ukuthi liwine le ligi (iGauteng ABC Motsepe League).
“Bashaya amagoli amaningi… sebeshaye amagoli angaba ngu-27 kwiligi yabo.”
UFreese yena ubona kuyithuba elihle lokuthi lokuthi amasosha akhe azwe ukuthi kunjani ukudlala ezingeni eliphezulu.
“Kuzobe kungokokuqala ukuthi abanye babafana bethu badlale neqembu elidlala esigabeni esiphezulu.
“Siyethemba ukuthi sizokwenza kahle kodwa sinethemba lokuthi laba bafana bazothola ithuba lokuzibonakalisa,” kusho u-Allen Freese.
“Mhlawumbe oyedwa noma ababili bazoba nenhlanhla yokuya phambili bathole iqembu esigabeni esikhulu.
“Ngeke sibavimbe baqhubeke kodwa uma ngithi bazothola ukuzibonakalisa ngiqonde ukuthi kuzomele baveze izinga eliphezulu lebhola.
FUNDA NALA: Inkakha iyikhomba kubaphathi eyokufadabala kwebhola eKZN
“Kodwa ngalokho angisho ukuthi ngivulela indali, ngiyabadayisa. Kumele baqale badlalele ukusiza iHighlands Park iwine ngaphambi kokuzama ukuzibonakalisa.”

