URiveiro uphawula ngakubona kuSouaibou Marou
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uvumile ukuthi uSouaibou Marou uke wabhekana nezinselelo ngenxa yendlela yokudlala yeqembu yokusebenzisa umgadli oyedwa kuphela.
Nokho uRiveiro uzwakalise ukuhlabeka umxhwele ngamakhono kaSouaibou Marou.
Lo mdlali waseCameroon oneminyaka engu-23, ufike ethwelwe ngeqoma kwazise ubenqobe indondo yokuba ngumgadli ohamba phambili ngamagoli ngakubo.
Ubedlala kwiCottonsport futhi ubekhona naseqenjini lesizwe leCameroon elaliseNdebeni yoMhlaba eQatar.
Nokho kwiPirates izinto zisamhambela ngonyawo lonwabu njengoba enegoli elilodwa emidlalweni eyisishiyagalombili.
“Kuba nzima uma unabadlali abaningi endaweni efanayo,” kusho uRiveiro kuleli sonto.
“Nokudlala ngomgadli oyedwa kwenza amathuba okuba bakhombise amakhono phambi kwabantu abae mancane.
USuaibou Marou unikezwe imizuzu engu-19 yokudlala ngesikhathi bebhekene neMamelodi Sundowns ngempelasonto edlule.
Bekungokokuqala edlala kule sizini kanti uRiveiro uthi akenzelwanga umusa ngokudlaliswa kulo mdlalo, kodw ayithuba ebelimfanele.
Kuke kwanezinkulumo zokuthi lo mgadli uzochithwa noma kubolekiswe ngaye ngoJanuwari njengoba ijezi elizwa ngendaba nje.
Nokho, ngokusho kukaRiveiro, uyakulwela ukungena eqenjini futhi akusekude azithole esedlala njalo.
“Ube nethuba lokuziveza ukuthi uluhlobo luni lomdlali uMarou ngesikhathi sisesimweni esingesihle (bengasaphelele bebhene neSundowns).
“Akusona isimi esilula leso, ngakho kunezinto ezithokozisayo azivezile ngesikhathi esisiza ukuze siphume nephuzu.
“Ungumfana ongakwenqeni ukusebenza futhi iyamangaza indlela uMarou asebenza ngayo nsuku zonke.
“Ngijabule ngokuthi athole ithuba lokudlala, ukufaka isandla, ukusisiza ukuthi siqoqe iphuzu, nginesiqiniseko sokuthi kuzoba kuhle kuyena isizini yonke.”
Cishe uzophinde alithole elinye ithuba uMarou uma iPirates seyibhekene neCrystal Lake FC kwiNedbank Cup ngempelasonto.
FUNDA NALA: Kuhlengezele izinyembezi koweHighlands behlulwa kumaphenathi
Lo mdlalo uzoba seMbombela Stadium, eMpumalanga ngoMgqibelo kanti uzoqala ngo-3 ntambama.

