EzakamuvaIbhola

UMokwena uphephethe waphinde waluma ngokuphuka kukaParker

Esikhundleni sokuthi amxolisele, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, uzame ukumthethelela uBongani Zungu ngokulimaza kwakhe kabi uBernard Parker. 

UZungu waphula uParker emdlalweni weSundowns neTS Galaxy kwiCarling Knockout emavikini amanbili edlule. 

Lesi sehlakalo sasusa umsindo. Okwaphoxa kakhulu wukuthi uZungu akakhombisanga ukuzisola noma esebona ukuthi uParker uphukile. 

Ngesikhathi kunakwe uParker owayelele phansi umlenze uphuke phehle, uZungu wayelwa nonompempe, ekhalela ukuthi uyasukelwa uma ekhishwa ngekhadi elibomvu. 

Naye uMokwena akazange ayithi vu eyokulimala kukaParker ngesikhathi ekhuluma nabethelevishini ngemuva komdlalo. 

Nokho uthi ngokuhamba kwesikhathi wazama ukuxhumana nalo mdlali weGalaxy okungabonakali ukuthi usayophinde adlale ebholeni elikhokhelayo.

“Ngazama ukumfonela ngokwami, angangakwazi ukumthola. Ngamthumelela umlayezo ngimfisela ukwelulama,” kusho uMokwena kwiMetro FM ngoLwesithathu. 

“Ngabe sengimthumelela nesipho esivela kimi uqobo ukukhombisa ukuzwelana naye. Nokumtshela ukuthi, ‘sinawe futhi siyasiqonda isimo obhekene naso’. 

“Ngiyazi ukuthi – ngoba ngisebenza naye uBongani Zungu. Ngimbonile ejimini iviki lonke ukuthi ubedangele kanjani. 

“Imhlukumezile naye lento. Nginesiqiniseko esigcwele sokuthi akayena umdlali onenhliziyo embi noma ongayolimaza omunye ngenhloso. 

“Ngeke ke ayenze into ebeka ikusasa lomunye umdlali engcupheni. Uzokhumbula ukuthi naye wake walimala kanje. 

“Ngaphambi kokuthi ahambe (aye phesheya) walimala sibhekene neMaritzburg United, ngangiyiphini lomqeqeshi ngaleso sikhathi. 

“Useke walimala kanjena naye. Ngakho ngiyazi ukuthi uBongs ubengaqondile ukumlimaza uParker. 

“Futhi ngiyazi ukuthi uBongs uzamile ukuxhumana noParker. Ngimyalele ukuthi akazame ukuyomvakashela siqu sakhe afike aveze ukuzisola kwakhe.” 

UMokwena uthe okumumangazile ngakho konke okwenzekile, yihaba okubikwe ngalo ngalesi sehlakalo. 

“Okwangimangaza kakhulu yindlela okwenziwa ihaba ngayo. Ngoba, uma ngikhumbulakuningi ngibona umdlali ephuka ngaleya ndlela. 

“Ngambona uDillon Sheppard ephuka, umlenze uhlukana kabili. Sengingumqeqeshi sengike ngabona uHashim Domingo elimala ngendlela efanayo…”

Ube esecaciselwa ukuthi okwahlala kabi kubantu yindlela uZungu enza ngayo, engakhombisi ukulibona iphutha ngokulimaza uParker. 

“Asingasheshi ke kodwa ukuthi sibe sesithi akanalo uzwelo… Mhlawumbe uBongs wayeyibuka ngokuthi yena inhloso yakhe kwakuwukudlala ibhola. 

FUNDA NALA: UDolly nendlela abazothoba ngayo ulaka kubalandeli beChiefs

“Thina sikhuluma ngoba sinenhlanhla yokubona kahle okwenzeka (ngokuphindwa kwakho kwithelevishini),” kuchaza uMokwena.