EzakamuvaIbhola

Inkakha ithi iChiefs ayinamqeqeshi kuCavin Johnson

Owayengumgadli weKaizer Chiefs, uMike Rapatsa, usole umqeqeshi wesikhashana uCavin Johnson ngokukhululeka kakhulu nokungazami ukushintsha isimo seqembu.

Ngemuva kokuhlulwa yiqembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship, iMilford FC emzuliswaneni wokuqala weNedbank Cup ngempelasonto edlule, iChiefs kubukeka izoqeda enye isizini ishwiba izandla. 

Amakhosi asendaweni yesithupha kwiDStv Premiership, kanti asaqoqe amaphuzu angu-25 emidlalweni engu-17. 

Asalele ngamaphuzu angu-17 kwiMamelodi Sundowns eqhwakele kwilogi.

UMike Rapatsa usole uJohnson ngokuthi akenzi lutho ukuthuthukisa iqembu ngoba uyazi ukuthi unomsebenzi wakhe ongathinteki kokwenzekayo. 

“Ukhululeke sengathi ungumnikazi weKaizer Chiefs,” kusho uMike Rapatsa etshela i-FAR Post kuleli sonto.

“Angikaze ngimbone umqeqeshi ongenayo ingcindezi yokuthuthukisa iqembu njengoCavin Johnson. 

“Ungafuna ukuthi abaphathi bamqinisekisile ukuthi ngeke axoshwe. Wonke umqeqeshi unengcindezi yokuthi enze kahle ngaso sonke isikhathi.

“Uma imiphumela ingaqhamuki kufanele uthuthumele uma ungumqeqeshi,” kuchaza uRapatsa. 

Ube esethi uzokhuluma iqiniso liluhlaza ngalo, lilumele kwelilumela kubo.

 “Ake ngiphalaze iqiniso nje liluhlala la kuwe. UJohnson akayena umqeqeshi. 

“Uma siqhathanisa uJohnson noRulani Mokwena weSundowns, ubani owenza umsebenzi wakhe? NguMokwena. 

“Usiza abadlali bakhe ukuthi bangene ezindaweni zokushaya amagoli ngokubambisana njengeqembu. 

“Kodwa angimboni uJohnson esebenza kanzima ukwenza lokho.”

Khonamanjalo, uCavin Johnson usexolisile kubalandeli beqembu lakhe ngemuva kokwehlulwa kwiLast 32 yeNedbank Cup ibhekene neMilford ngeSonto.

“Ngiyaxolisa kubalandeli bethu abangu-16 million,” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo.

“Nginesiqiniseko sokuthi bazowubona umdlalo… akukhona ukuthi sibavumele ukuthi beze kithina. 

“Sizame konke okusemandleni ethu ukuthi sifike lapho ebesingakwazi khona, nesomiso sezindebe sila. 

“Manje sesihluliwe, ngakho-ke into esingayenza wukwesula izinyembezi kubantu ngokuti sidlale kahle kwiligi.”