EzakamuvaiNdebe yoMhlaba

‘Ngingavimba uma ngifakwe epalini,’ kusho uMvelase weGalaxy

Umdlali weTS Galaxy oqokwe njengovelele bewashisa iGolden Arrows ijezi ngoLwesihlanu ebusuku, uMpho Mvelase, uthi yena usebenzela iqembu.

Umvelase nguye oshaye igoli lokuwina leGalaxy njengoba benqobe ngo 2-1 kulo mdlalo obuseMpumalanga Stadium, eHammarsdale. 

Lo mdlali – osedlale emaqenjini amaningi ehlukene kuleli – ubedlal esiswini ngoLwesihlanu futhi usibambe saqina isisu. 

“Bese kungokwesithathu sidlala nabo. Sidlale umdlalo wokugcina ngoDisemba nabo,” kusho uMvelase ngemuva komdlalo.

“Siphinde sadlala nabo owokuqala… Bekunzima ngoba sebeyasazi esikwenzayo.

“Kodwa ngemuva kokuthi bethole igoli, umqeqeshi (uSead Ramovic) usicebisile okumele sikwenze futhi kusebenzile,” kuqhuba uMvelase. 

Ebizwa ngegoli alishayile nangokudlala kwakhe izindawo ezehlukene, uMvelase uthe ithalente aliphiwa uMdali.

“Bengolokhu ngibatshela ozakwehtu ukuthi kumele ngishaye igoli njengoba sengidlala kule ndawo engikuyo manje unombolo 6 noma 8.

“Ngibonga uMdlali ukuthi namuhla ngikwazile ukulithola igoli.

“Mina ngidlala la umqeqeshi engikhomba khona, noma engathi angiye epalini, ngiyoya”, esho ehleka.

Kuke kwanehlazo umdlalo usaqala kuhamba ugesi elokishini laseHammarsdale, nenkundla yasala imnyama. 

Nokho akuphelanga nemizuzu engu-20, wabuya kwabe sekuqhutshekwa ngodaba obekuhlangenwe ngalo.

Ngemuva kokulungiswa kwal nkinga kagesi, zibe sezibuyela enkundleni nala kucace zisuka ukuthi umdlalo wamagqubu.

Phela i-Arrows kufanele ukuthi beyisikhathele ukuba wukhaphethi weTS Galaxy la isulela khona izinyawo. 

Nokho kube yiTS Galaxy elishaye kuqala igoli kulandela umnyakazo omuhle oqedelwe uLehlohonolo Mojela. 

Bebona ukuthi bazophinde baphenduke iminqolo, bashayelwe ekhaya, Abafana Be’sthende bavuke bazithintitha. 

Babuyile kusaphele imizuzu emihlanu bengenelwe yigoli. Umnyakazo wabo wokuhlasela uphethe ngegoli elibe wumkhonto ogwaza ekhaya kaKganyana Letsoenyo. 

Kuze kwayiwa ekhefini zibambene. Nasesiwombeni sesibili umdlalo ubusashubile, kungacaci uzoya ngaphi. 

Kodwa kuthe sekusele imizuzu engu-23, kwaqhamuka uMpho Mvelase waphinde wayibeka phambili iRockets. 

Yize i-Arrows izamile ukubuya ngemuva kwalokhu, ithole kunzima kwaze kwabe ziyalugoba uphondo ezaseLamontville, zasala emzuliswaneni wokuqala.