EzakamuvaIbhola

Kukhalwa ngomgruvo onamandla kowoSuthu ophinde wabolekiswa

SIHLE NGUBO

Kukhalwa ngokuhluleka ukuziphatha kumdlali waMaZulu FC, uSenzo “Mbhobho” Ndlovu, obebolekiswe kwiDurban City isadlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule.

Lo mdlali alingatshazwa ikhono lakhe kunobhutshuzwayo kodwa kuvela ukuthi uthanda kakhulu ukugruva namambawu.

UNdlovu bekumele abuyele kuMaZulu njengoba kuphele isizini edlule kodwa kwathiwa akekho ezinhlelweni zomqeqeshi u-Arthur Zwane.

Bekungalindeleka ukuthi uZwane amnike ithuba uNdlovu njengoba Usuthu lushaya ngabadlali abasha abasebancane ababukeka bezohlangana badlale kahle.

Nokho kuyavela ukuthi impilo ayiphila ngaphandle kwenkundla inomthelela ekutheni angabuyeli kuSuthu, yize lumgcinile njengomdlali walo.

UNdlovu ubolekiswe kwiHighbury FC yase-Eastern Cape njengoba kuqala isizini entsha yeChampionship.

Leli qembu lifike ngesizini edlule kwiChampionship kanti uNdlovu kulindeleke ukuthi ahlale kulona isizini yonke.

“Umuntu owayemhambisile (kuMaZulu) uthe ufonelwe kuthangi befuna umhlangano ophuthumayo naye,” kusho umthombo weMpempe.

“Into ebashaya kakhulu yimpilo ayiphilayo (yokugruva ngokweqile).”

Yinto eyaziwayo ukuthi uZwane akashayisani nhlobo nabadlali abaphuzayo yize ebathanda abafana abasebancane.

NakwiKaizer Chiefs kuthiwa lo mqeqeshi ubengafuni ukusebenza nabadlali abathanda utshwala ngoba ekholwa ukuthi bazodukisa abanye, baphazamise umsebenzi wakhe.

Ngesikhathi kuthintwa uPhilani “Pro” Ndlela, ukuthi aphawule ngoMbhobho, uthe ngeke akwazi wacela ukuthumelela intatheli ukuphawula kukamengameli weqembu, uSandile Zungu, ngalo mdlali.

UZungu ucashunwe ethi: “Ngeke ngikhulume ngomdlali uSenzo “Mbhobho” Ndlovu.”

“Akuyona into inhle ukukhuluma ngomdlali uma sesibonile ukuthi cisho akekho ezinhlelweni zethimba labaqeqeshi kule sizini ezayo.”

USimo Dladla, oseyiphini likaZwane kuSuthu, ubeqeqesha iCity ngesizini edlule, ecija uNdlovu.

Ukungabi sezinhlelweni zabaqeqeshi kukaNdlovu kuchaza lukhulu uma kubhekwa ukuthi uDladla usebenzile naye kwiCity, benqoba isicoco seligi.

AmaZulu azovula isizini ngokubhekana nomakoti i-Orbit College, emdlalweni weBetway Premiership, ePrincess Magogo Stadium , KwaMashu, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Usuthu lushaywe yiStellenbosch FC kwi-quarterfinal yeMTN8, ngeSonto, lwaphuma kanjalo kulo mqhudelwano.