EzakamuvaIbhola

USolomons usola uPitso ngokungcolisa igama eSaudi Arabia

Omunye wabaqeqeshi abadala bakuleli, uBoebie Solomons useqwashise uPitso Mosimane ukuba angavumi ukwenziwa impatha eSaudi Arabia. 

Ukusho lokhu engxoxweni abe nayo neMpempe kuleli sonto, eveza ukukhathazeka kwakhe ngokuthi uPitso kudlalwa ngaye. 

Kuzokhumbuleka ukuthi uPitso uxoshiwe eqenjini abelisize kade libhekene nezembe, walihlangula qede walinyusela esigabeni esiphezulu. 

Leli qembu, i-Al-Ahli, lagcina selibona lo mqeqeshi wakuleli engakufanele ukuliqeqesha, selifuna umqeqeshi wase-Europe. 

Usuke kulo waya kwi-Al Wahda e-United Arab Emirates, kodwa nakhona akahlalanga kakhulu, wakhonjwa indlela. 

Nokho kumanje usebuyele eSaudi Arabia la eseqashwe khona yi-Abhar FC ukuba nayo azoyihlenga ezembeni. 

“Akumele nakancane uMosimane avumele abaphathi bamaqembu aseSaudi Arabia bamenze ukhaphethi wabo wokusulela izinyawo. 

“Angavumi noma yini ngoba egameni lokuthi uncenge umsebenzi kubona,” kusho uSolomons. 

“Thina uMosimane siyamhlonipha kakhulu njengoba eseqeqeshe amaqembu amakhulu afana neMamelodi Sundowns, SuperSport United ne-Al Ahly nje… 

“Manje akumele athathe umsebenzi noma ngabe yimuphi. Okucasulayo wukuthi ufike wathatha i-Al-Ahli ikwiFirst Division yakhona, wayifaka eligini enkulu iSaudi Pro League.

“Kodwa kwenzakaleni ngemuva kwalokho? Bamxosha. Kuphinde kwamehlela lokho exoshwa kwi-Al Wahda ingekho nento axoshelwa yona.” 

USolomons, owayedume ngokusiza amaqembu avike izembe, uthi ukuvuma lowo msebenzi kuyalehlisa igama lakho njengomqeqeshi. 

“Awukhuli nhlobo ngomsebenzi uma ngabe uqashelwa ukuvika izembe nokukhuphula amaqembu qede bakuxoshe.”

Uthe indlela uMosimane asezakhele ngayo igama iyamvumela ukuthi akhethe imisebenzi, athathe owamaqembu afuna ukunqoba izicoco kumaligi amakhulu kuphela.