Ndoro: Basibamba ngomuthi bebhubhisa iPirates ngo 6-0
ALFRED NGUBANE
UTendai Ndoro, owayengumgadli ongalibheki ipali kwi-Orlando Pirates, uthi namanje akakalukhohlwa usuku leli qembu libhujiswa yiSuperSport United ngo 6-0.
Wayengomunye wabadlali ababhekiwe ukusiza iBhakhaniya kulo mdlalo, kodwa uthi wagcina ephambana nalo ibhola.
Kanjani? Uthi namanje isamxaka leyo. Useze usola ukuthi kukhona okusamushana okwakutholwe yiSuperSport ngalolo suku.
“Sasala sabuzana sodwa noMalume (u-Ayanda Gcaba) ukuthi leSuperSport ihlasela ngezinyoka noma yizingwenya yini.
“Phela ibhola sasiphambana nalo sonke kulowa mdlalo, akekho owayengcono kunomunye.”
Uveze nokuthi yize ukwesula kukaMuhsin Ertugral, owayengumqeqeshi ngaleso sikhathi kwaze kafika kusihlalo ekuseni, yinto eyayikade ivele seyenzekile.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mqeqeshi waqale wakuveza ekhuluma nabeTV ngemuva komdlalo ukuthi uyashiya yena.
Nokho iincwadi yakhe waze wayithumela ekuseni ngovivi ku-Irvin Khoza ongusihlalo wePirates.
“Thina sazi sisesebhasini ukuthi umqeqeshi uyesula kodwa sabuye sathola ukuthi usevele ukushilo nakwiTV.”
Wasula engakafiki ngisho ehotela lapho ehlala khona. washiya bukhoma ku Super Sports TV.
UTendai Ndoro ubona ukuthi kwabe kungumuthi nje owabaphambanisa nebhola, wabaqhatha nabalandeli be-Orlando Pirates.
UNdoro wagcina ngokuthi ayishiye kwiPirates wasayina kwi-Ajax Cape Town agcina eyiqhathe nezembe ngoba yamdlalisa engabhalisiwe ngokufanele.
FUNDA NALA: Usuthu lumphinde ngesibhaxu wakhumbula iligi uMaduka
Wabe esedlulela kwiHighlanda Park kodwa nakhona izinto zagcina zingahambanga kahle.

