EzakamuvaIbhola

Usethembe uMdali uShaun Bartlett, ubona iCT Spurs icindezelwa

By Sbongs Gumbi

Yize iqembu lakhe iCape Town Spurs seliwufakile umlenze owodwa kwiDStv Premiership, umqeqeshi uShaun Bartlett usola ukubanjwa ngophondo. 

ICT Spurs izibeke ethubeni elihle kakhulu lokungena kwiPremiership ngokushaya iCasric Stars ngo 1-0 ngoLwesithathu ntambama. 

Manje sekusele idlale ngokulingana neMaritzburg United emdlalweni wokugcina ukuze ithole isitifiketi sokudlala esigabeni esiphezulu. 

Igoli lokunqoba leSpurs lingene kade ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kuka-Ashley Cupido. 

Lesi sigameko senzeke kusele ngaphezulu kancane kwemizuzu engu-20 lo mdlalo, obuse-Athlone Stadium, eKapa, uphele.

Akucacanga ke ukuthi ikhadi bekungelani kodwa liqhamuke kade ehilizisana nomdlali weStars obemdlalise kabi. Yingakho nje uShaun Barlett elisola ukuthi linogcobho. 

“Bekungumdlalo la imizwa beyiphezulu kakhulu,” kuphendula uShaun Bartlett ebuzwa ngenkungu yezinyembezi emehlweni akhe. 

“Ngeke ngifune okwedlula lokhu abakwenzile abadlali. NguMdali kuphela oyosiphendulela kulokhu okwenziwa kithi. 

“Uyena obheke yonke into. Kodwa uzokulungisa konke. Akuyona inhlanhla ukuthi yonke le midlalo silokhu siyinqoba ngo 1-0. 

“Ezinye izimpi akumele sizilwe, ezinye sizilwa enkundleni. Sikusebenzele lokhu kunqoba kwanamuhla.” 

Ebuzwa ngekhadi likaCupido, yize engalibekanga ngembaba kodwa kucacile ukuthi ufuna ukuveza ukuthi ubevinjelwa umdlalo olandelayo. 

ISpurs izogadulisana neMaritzburg United emdlalweni wokugcina eHarry Gwala Stadium la idinga khona iphuzu elilodwa. 

“Mhlawumbe kukhona okumele angitshele ukuthi kwenzekeni ngoba mina angibonanga leyanto ifanele ikhadi elibomvu. 

“Akukho okwenziwe, akukho nokushiwo (nguCupido). Abasizi bakhe (unompempe) bebezama ukummemeza ukuthi eze kubo wabaziba.

“Kucacile ukuthi ubesevele esithathe kudala isinqumo sokuthi uzomkhipha ngekhadi elibomvu uCupido. 

“Abadlali bethu bayalandelelwa ikakhulukazi yena ngoba kuyaziwa uyena umthombo wethu wamagoli… 

“Kodwa uMdali uzoqiniseka ukuthi siyanqoba. Abantu abazi ukuthi lukhulu kanjani ugcobo olukuleli qembu lethu.” 

FUNDA NALA: ISuperSport ayiqedile ngoMashiane ukutheza kwiChiefs

Ukuwina kweSpurs kufake iMaritzburg ingcindezi enkulu njengoba yona sekumele ishaye iStars neSpurs ngembudlu yamagoli emidlalweni elandelayo ukuze igcine isitifiketi sayo sePremiership.  

IMaritzburg izogadulisana neStars eSolomon Mahlangu Stadium, KwaMhlanga ngoMgqibelo ntambama.